AmaBhokoBhoko

AmaBhokobhoko aqede ishobolo eshaya i-Ireland eDublin

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika iqede ishobolo leminyaka ishaya i-Ireland ngo 24-13 emdlalweni weTest e-Aviva Stadium, eDublin, ngoMgqibelo ebusuku.

Iqembu lakuleli laligcine ngo-2012 ukunqoba eDublin kodwa ompetha bomhlaba bafike kule nkundla bezimisele kakhulu ngoMgqibelo.

AmaBhokobhoko ahlasele zisuka kulo mdlalo efuna itry ngemizuzu yokuqala.

Kusheshe kwalunga uDamian Willemse eyibeka ekhoneni ngomzuzu wesine, zahamba phambili ezikaSiya Kolisi.

I-Ireland beyizitshela ukuthi isiyitholile itry ngomzuzu ka-20 kodwa kwavela ukuthi umdlali wayo udlale kabi ngaphambi kokuthi uDahg Bairne ayeqise umugqa.

INingizimu Afrika ibuyile ngomzuzu ka-34 yashaya itry yesibili eze noKobus Reinach, ngemuva kokuhlasela isikhathi eside kwamaBhokobhoko.

Okuhlalukile ukuthi abadlali be-Ireland bebedlala kabi nobekwenza ukuthi bathole amakhadi aphuzi kulandelana.

Nokho ngesikhathi abadlali bayo ababili bengaphandle i-Ireland ikwazile ukuthola itry, eze noDan Sheehan ngomzuzu ka-38.

Aqhubekile kokuhlasela amaBhokobhoko nobekuphoqa i-Ireland yenze amaphutha, kudaleke amaphenathi nama-scrum.

Ngenxa yamaphutha abelandelana unompempe ugcine enike iNingizimu Afrika i-penalty try, zaya ekhefini kungu 19-7.

Zithe zibuya ekhefini i-Ireland yathola iphenathi yayibeka phakathi ngonyawo lukaSam Prendergast kwaba ngu 19-10.

Lokhu kubuyise ithemba kubalandeli beqembu lasekhaya abebegcwele inkundla.

USacha Feineberg-Mngomezulu uphendule nge-try ngomzuzu ka-47, aphinde avula igebe amaBhokobhoko.

I-Ireland ibidle ngamaphenathi njengoba uPrendergast ephinde washaya enye ngomzuzu ka-55 kwaba ngu 24-13.

Nokho umdlalo ugcine uphele kanjalo, iNingizimu Afrika yanqoba okokuqala eDublin ngemuva kweminyaka engu-13.