EzakamuvaIbhola

I-Chiefs nenselelo ‘yokuxosha’ abadlali engabadingi kule sizini

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs kuzomele icacise ukuthi yibaphi abadlali ezobolekisa ngabo njengoba kuzoqala umshikashika wesizini entsha yeBetway Premiership.

NgoSepthemba 14 izoqala imidlalo yePremieship kanti abaningi babheke ukuthi ngabe liphetheni iqembu laseNaturena. Amakhosi awakawudlali umdlalo osemthethweni ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi. Leli qembu alizange libe yingxenye yeMTN 8 ngenxa yokuqeda endaweni yeshumi kwilogi ngesizini edlule.

Okuhlalukayo ukuthi isikwati seChiefs sesinabadlali abaningi (abangaphezulu kuka-32) njengoba kukhona ebasayinisile. Kubadlali abebekhona ngesizini edlule kusahambe uKeagan Dolly, uSiyethemba Sithebe, uSifiso Hlanti noNjabulo Ngcobo. U-Itumeleng Khune akukacaci ngekusasa lakhe kwiChiefs.

Kuke kwaba nemibiko engaqinisekisiwe yokuthi uNabi usephakamise ukuthi kubolekiswe abadlali abayisithupha esikwatini esikhona. Uma kubhekwa abadlali abasayinisiwe, abangase basizwe ngendaba isikimu uZitha Kwinika, u-Edmilson Dove, uTebogo Potsane, uGeorge Matlou, u-Aden McCarthy, noThatayaone Dithlokwe.

UChristian Saile ungumdlali ongadingeka kwiChiefs ngokuhamba kwesizini. Nokho ukuvela kwezindaba zokuthi iChiefs ibheka ibheka umgadli wangaphandle, kungase kuyiphoqe ukuthi imdedele noma imbolekise uSaile.

IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoSepthemba 14.