Ibhola lombhoxoUncategorized

USiyamthanda Kolisi uthanda izwe lakhe kunezigidi zaseFrance

SIHLE NGUBO

Ukubuyela kwiHollywoodbets Sharks kukakaputeni wamaBhokobhoko, uSiyamthanda Kolisi, kuzokwenza izinto zibe lula kuRassie Erasmus ocija iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.

ISharks seyikuqinisekisile ukuthi uKolisi uzobuyela kuyona ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe (ngokuvumelana) yiqembu laseFramce, iRacing 92. UKolisi ujoyine leli qembu ngemuva kokunqoba iNdebe yoMhlaba khona eFrance namaBhokobhoko ngoNovemba nyakenye.

Bekusaphele isizini eyodwa nje vo eshiye iqembu laseThekwini walibangisa eFrance, lapho ebehola khona imali elinganiselwa ku-R18 million ngonyaka. Nokho kube khona ukungatholani naleli qembu uma kukhulunywa ngokudlalela iqembu lesizwe kukaKolisi.

“Ngesikhathi benginxenxa babecabanga ukuthi bathole uSiya Kolisi ozozinikela kubona ngakho konke. Kodwa ngiyakuthanda kakhulu ukudlalela iNingizimu Afrika, ngifuna ukuqhubeka nokudlalela amaBhokobhoko,” kusho uKolisi.

Omunye umdlali ubengakhetha ukuhlala eFrance ahole izigidi kunokudlalela iqembu lakhe lesizwe. Nokho uSiyamthanda uyalithanda izwe lakhe ngakho ukhethe ukushiya phansi izigidi ukuze aqhubeke nokudlalela amaBhokobhoko.

Kuke kwaba nemibiko yokuthi umqeqeshi wamaBhokobhoko, u-Erasmus, ubeseninga ukuqoka omunye ukaputeni ngoba uKolisi ubengazithola engezi kweminye imidlalo yamaBhokobhoko. Nokho ukubuyela kwalo mdlali kwiSharks kukuqeda konke lokho.

UKolisi usequkule iNdebe yoMhlaba kabili kulandelana, ngo-2019 nango-2023. Ngempelasonto uqukule iFreedom Cup ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika ishaye iNew Zealand ngo 18-12 eKapa. AmaBhokobhoko adinga ukunqoba umdlalo owodwa, kwemibili azoyidlala ne-Argentina, ukuze akhale emuke neCastle Large Rugby Championship ka-2024.