OwaseMthwalume osengumpetha kwezamankomane ulaxaze ibhola
SIHLE NGUBO
Umshayisibhakela waseMthwalume, uPhikelelani “Stinger” Khumalo, wake wadlala ibhola ngaphambi kokuthi alilaxaze agxile kwezamankomane.
UKhumalo ushiye inkundla ihlokoma ngemuva kokungqimuza umshayisibhakela waseDemocratic Republic of Congo, uFaustin Bukaza, ezimpini ebezibizwa nge-Return 2 Fight eThekwini. Lezi zimpi bezihlelwe ngokubambisana yiMvelo Boxing Promotion, kaNomvelo Gcaba-Shezi, nomnyango wezeMidlalo, ezoBuciko namaGugu KwaZulu-Natal.
Impi ebihlelelwe imizuliswano eyishumi uyiqede ngowesine uKhumalo, kulandela ukulahla phansi ngomngqimuzo uBukaza. Ube eseba ngumpetha omusha we-ABU middleweight.
UKhumalo uke wadlala unobhutshuzwayo kwiSAB League, okuyiligi esigabeni sesine eNingizimu Afrika. Uke waba kwiBissa Academy esahlala kwaMasxha, eChesterville. Nokho kuyacaca wayazi ukuthi yena ukwazi ukwenza indoda isale ilele amankeyane ngenxa yesibhakela sakhe, kangcono kunokuthi ayishiye ilele phansi ngenxa yomjiko enkundleni yebhola.
Omunye umshayisibhakela othele omunye phansi uManelisi Ndlovu onqobe u-Arnel Lubisi kwi-ABU bantamweight. Esibhakeleni sabesifazane u-Asanda Mkhwanazi, obelwa okokuqala, unqobe ngawo umngqimuzo womlalisa phansi ehlula uNothando Ncube, obelwa okwesithathu, kwi-bantamweight.