Ibhola lombhoxo

UKolisi ubuyile kumaBoks kodwa akucaci ngesobukaputeni

SIHLE NGUBO

Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ukhona eqenjini labadlali abangu-27 elizobhekana ne-Ireland kumaTest amabili yize kungacaci ngaye nesikhundla sobukaputeni.

Kunokungaqondi ukuthi lo mdlali weRacing 92, onqobe iNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko, uzoqhubeka yini nokuba ukaputeni weqembu lakuleli. Kuvela ukuthi umqeqeshi uRassie Erasmus ufisa umdlali ozohola amaBhokobhoko kube umdlali ogijima eNingizimu Afrika.

Lokhu kushiya u-Erasmus nabadlali abafana noLukhanyo Am, u-Eben “Elizabeth” Etzebeth noBongi Mbonambi, beHollywoodbets Sharks. Bobathathu sebeke bawahola amaBhokobhoko njengokaputeni emidlalweni ehlukene.

Ngesikhathi iNingizimu Afrika ibhekene neWales ibiholwa uPeter-Steph du Toit, naye odlala eJapan. Nokho kuzocaca ukuthi ukuya phambili yimuphi umdlali ozoba ukaputeni wamaBhokobhoko.

Kubadlali abasesikwatini samaBhokobhoko, bangu-27 abanqobe iNdebe yoMhlaba ka-2023 abaseyingxenye yeqembu elizodlala ne-Ireland ePitoli naseThekwini. Njengoba abadlali beBulls sebekhululekile, uJohan Grobbelaar, uJan-Hendrik Weesels, uMarco van Staden noGerhard Steenkamp bazojoyina iqembu.

Abanye abadlali ababuyile uWillie le Roux, uKurte-Lee Arendse, uThomas du Toit noTrevor Nyakane, odlala noKolisi kwiRacing 92. Labo abangekho esikwatini kuzocushwa ngabo uma kukhona olimayo.

U-Aphelele Fassi weSharks, odlale kahle kunombolo 15 bebhekene neWales, ukhona esikwatini esizobhekana ne-Ireland. UNtuthuko Mchunu yena uzoba kulabo abacuphile uma kukhona okungahambi kahle ekhempini yamaBhokobhoko.

INingizimu Afrika izobhekana ne-Ireland ePitoli ngoJulayi 6, bese la mazwe aphinde atholane emdlalweni wesibili ngoJulayi 13 eThekwini. Ngemuva kwalokho amaBhokobhoko azobhekana nePortugal ePort Elizabeth, ngoJulayi 20

Selilonke iqembu elizobhekana ne-Ireland limi kanje:

Abaphambili:

Phepsi Buthelezi (Hollywoodbets Sharks), Ben-Jason Dixon (DHL Stormers), Pieter-Steph du Toit (Toyota Verblitz), Thomas du Toit (Bath), Eben Etzebeth (Hollywoodbets Sharks). Johan Grobbelaar (Vodacom Bulls), Vincent Koch (Hollywoodbets Sharks), Siya Kolisi (Racing 92), Frans Malherbe (DHL Stormers), Malcolm Marx (Kubota Spears), Bongi Mbonambi (Hollywoodbets Sharks), Salmaan Moerat (DHL Stormers), Franco Mostert (Honda Heat), Ox Nche (Hollywoodbets Sharks), Trevor Nyakane (Racing 92/Hollywoodbets Sharks), Evan Roos (DHL Stormers), Kwagga Smith (Blu Revs), RG Snyman (Munster/Leinster), Gerhard Steenekamp (Vodacom Bulls), Marco van Staden (Vodacom Bulls), Jan-Hendrik Wessels (Vodacom Bulls), Jasper Wiese (Leicester Tigers).

Abasemuva:

Lukhanyo Am (Hollywoodbets Sharks), Kurt-Lee Arendse (Vodacom Bulls), Damian de Allende (Wild Knights), Faf de Klerk (Canon Eagles), Andre Esterhuizen (Harlequins/Hollywoodbets Sharks), Aphelele Fassi (Hollywoodbets Sharks), Sacha Feinberg-Mngomezulu (DHL Stormers), Cheslin Kolbe (Suntory Sungoliath), Jesse Kriel (Canon Eagles), Wilie le Roux (Vodacom Bulls), Manie Libbok (DHL Stormers), Makazole Mapimpi (Hollywoodbets Sharks), Handre Pollard (Leicester Tigers), Cobus Reinach (Montpellier), Morne van den Berg (Emirates Lions), Edwill van der Merwe (Emirates Lions), Grant Williams (Hollywoodbets Sharks).

Okucushwe ngabo:

Abaphambili: Jean-Luc du Preez (Sale Sharks), Joseph Dweba, Neethling Fouche (both DHL Stormers), Celimpilo Gumede, Elrigh Louw, Wilco Louw (all Vodacom Bulls), Ntuthuko Mchunu (Hollywoodbets Sharks), Ruben van Heerden (DHL Stormers), Andre-Hugo Venter (DHL Stormers). 

Abasemuva: Suleiman Hartzenberg (DHL Stormers), Jordan Hendrikse (Emirates Lions), Ethan Hooker (Hollywoodbets Sharks), Quan Horn (Emirates Lions), Siya Masuku (Hollywoodbets Sharks).