‘Alikho iqembu elifana neChiefs e-Afrika,’ kusho umdlali
Isitobha esisha seKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, sincoma indlela izinto ezenziwa ngayo kuleli qembu laseNaturena nokuthi kungani sikhethe lona.
Lolu nkonko, obelugijima kwiPetro de Luanda yase-Angola, lutheleke eNaturena lwasayina inkontileka ngo-Agasti 21. UMiguel uzalelwe ePortugal kodwa wakhetha ukudlalela i-Angola. Eminyakeni engu-28 anayo kubatshazwa ukuthi akahleki namafolosi njengoba evala kwasani emuva.
“IKaizer Chiefs yiqembu elihlukile, alikho elingaqhathaniswa nalo e-Afrika ngokubona kwami. Angivumi uma uthi iligi akuyona into ebalulekile uma ukwiChiefs,” kusho lo mdlali wase-Angola.
“Kimina akubanga mayelana nemali. Kumayelana nalokhu iChiefs ezama ukukwenza, abanakho. Benza into enhle kakhulu noma ubuka inkulisa yabo futhi ngesikhathi abaphathi bayo bethula lokho kimina ngakuthanda. Ukube kwakumayelana nemali ngangingajoyina elinye iqembu.
“Akhona amanye amaqembu abengifuna enhla ne-Afrika ngemali engcono kodwa ngakhetha ukuza lapha ngenxa yalokhu abakwenzayo hhayi imali.”
UMiguel uthe IChiefs yiqembu okumele lihlonishwe ezwenikazi i-Afrika.
“Esinye isizathu esenze ngivume ukuza kwiChiefs ukuthi bayiqembu elikhulu, hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa nase-Afrika. Njengoba sengilapha sengibonile ukuthi banezinsiza kusebenza ezingcono kunezamanye amaqembu e-Europe,” kusho lo mdlali.
“Ngike ngaba kwiBraga ePortugal kodwa lokhu okulapha kuhamba phambili. Ngaphezu kwakho konke iligi yalapha iphezulu. Yebo akhona amaligi amahle enhla ne-Afrika, njengase-Egypt naseMorocco kodwa iligi yaseNingizimu Afrika ihamba phambili. Ngijabule lapha.”
IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Yilapho kuzocaca khona ukuthi uMiguel nozakwabo babaphatheleni abalandeli beChiefs.