IBetway Premiership

IBucs kuseduze ifice irekhodi leChiefs kweyeligi

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates iyasondela ekudluleni irekhodi leKaizer Chiefs lokunqoba imidlalo yokuqala yeligi eminingi, eyaliqopha ngesizini ka-2014/2015.

IBucs inqobe umdlalo wayo wesikhombisa kulandelana ngemuva kokushaya iRichards Bay FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Lokhu kuchaza ukuthi iPirates isele ngomdlalo owodwa kuphela ukuthi ifice irekhodi leChiefs lokunqoba imidlalo eyisishiyagalombili yokuqala yeligi.

Leli rekhodi lidlulwe yiMamelodi Sundowns ngesizini edlule, egcine inqobe imidlalo engu-11 yokuqala yeligi.

INatal Rich Boyz iwuqale kahle umdlalo ingavumeli iBucs ukuthi iphaselane ibhola ngokukhululeka. Ibisebenzisa amabhola amade ukuthola uSomila Ntsundwana owenze uMakhehleni Makhaula wathola ikhadi eliphuzi kusaphele imizuzu emibili kuphela.

Nokho izinto lishintshile ngesikhathi iPirates ithola igoli ngomzuzu ka-26. Liqedelwe u-Evidence Makgopa ngemuva kokuthi uThabiso Monyane edonse intambo ekude lamhlula ukulibamba unozinti weBay u-Otieno.

IBay ibiqala ngqa ukudedela igoli uma ibhekene nePirates e-Orlando Stadium. Isiwombe sesibili asibanga nezigameko ezitheni ngoba womabili amaqembu abezama ukungawenzi amaphutha emuva.

Ukunqoba umdlalo kweBucs kusho ukuthi iphinde yavula igebe lamaphuzu ayisithupha phakathi kwayo neMamelodi Sundowns esicongweni.

Kulo mdlalo umqeqeshi weBucs uJose Riveiro bese kungokuka-100 ehleli ebhentshini leZimnyama. Kule midlalo usenqobe engu-60, wadlala ngokulingana engu-20 wase eshaywa engu-20. 

UTshegofatso Mabasa naye ungene esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili ezodlala umdlalo wakhe ka-100 egqoke imibala yeZimnyama.