Ibhantshi ligcwale umoya kumqeqeshi weqembu lePSL
SIHLE NGUBO
Ukuqala isizini ngebatha sekuholele ekutheni ibhantshi ligcwale umoya kobengumqeqeshi weSiwelele FC, uLehlohonolo Seema.
Izinto zivele zamphika kule sizini entsha lo mqeqeshi owayengumaputeni we-Orlando Pirates, ngezikhathi zakhe esadlala ibhola.
ISiwelele ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngeSonto.
Lokho bekusho ukuqhubeka nokunganqobi kuleli qembu elisakwaze ukuthola amaphuzu amabili kuphela selokhu kuqale isizini.
Ngemuva kwemidlalo emihlanu yeligi iSiwelele isadlale imidlalo emibili ngokulingana, yase ibhola isibhaxu kwemithathu.
Leli qembu selidedele amagoli ayisishiyagalolunye lase libeka enethini amahlanu kuphela.
“Ngemuva kokuqala isizini ka-2026/2027 ngendlela ephoxayo, iSiwelele FC seyinqume ukukhulula umqeqeshi, uLehlohonolo Seema, nephini lakhe uWillem Jackson,” kusho isitatimende esithunyelwe iSiwelele FC.
“Njengamanje kucutshungulwa indlela elidlala ngayo iqembu nezinhlelo eziya phambili.
“UGodfrey Mosoetsa uyena ozothatha izintambo njengomqeqeshi obambile ngokushesha.
“Lesi yisikhathi esinzima kakhulu eqenjini lethu futhi abalandeli bethu bafanelwe okungcono kakhulu kunalokhu abasakubonile kule sizini.
“Ukukholelwa kwethu kuleli qembu, kubadlali bethu nalokho esikwakhayo kwiSiwelele, akukashintshi.
“Lesi yisikhathi sokubumbana, sisebenze ndawonye, bese sibuyise umoya ochaza indlela eliyiyona iqembu lethu.
“Iqembu lizobuye limemezele ukuthi kuzohamba kanjani ekuqeqesheni, ukuya phambili, uma sekuqediwe ukucubungula.
“Akukho okunye ukuphawula okuzokwenziwa okungaphezu kwalokho.”
NgoLwesithathu iSiwelele inomdlalo onzima kakhulu njengoba izobhekana nompetha base-Afrika, iMamelodi Sundowns eLoftus Stadium, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.

