IBafana Bafana

UHugo Broos ubonga uMdali ngeThalente eliyisimanga likaMbatha

SIHLE NGUBO 

UHugo Broos, ocija iBafana Bafana, ubonga uMdali ngomdlali we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, ophinde watakula iqembu sekubheda ngoLwesibili.

Kuphinde kwalamula uMbatha sekucaca iBafana yemuka nomfula emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon), ibhekene neSouth Sudan, eJuba Stadium, ngoLwesibili ntambama.

UMbatha ungene ngesiwombe sesibili sekucaca ukuthi iqembu lesizwe lakuleli lizophinde lidlale ngokulingana. Ushaye igoli lokuwina iBafana yagcina inqobe ngo 3-2.

Lo mqeqeshi ukhale ngokuthi abadlali bakhe abakabi bukhali ngoba isizini yeBetway Premiership ayikaqali.

“Ngakho uma sidlala ne-Uganda neSouth Sudan amazwe ahlasela ngamandla, futhi azimiselayo enkundleni, kumele ube njengabo kodwa akukhona lokho njengamanje kwiNingizimu Afrika,” kusho uBroos.

“Ngempelasonto umncintiswano uyaqala eNingizimu Afrika ngakho ngo-Okthoba sizobe siyilungele imidlalo. Bekuyilokho ukwesaba kwami kule midlalo. Ngayibona i-Uganda neSouth Sudan ngakho benginokwesaba ukuthi asiyona imiqemane kahle futhi bekunjalo.

“Sinenhlanhlanhla ukuthi uMdali omuhle ube nathi kule midlalo emibili, ukuthi sishaye amagoli ngomzuzu ka-94 noka-95 namuhla.”

INingizimu Afrika isiqale kahle kakhulu isiwombe sokuqala, ihlasela emizuzwini eyishumi yokuqala. Nokho njengokujwayelekile ayizange iwasebenzise amathuba ayo.

Lokhu kwenze iBright Stars yabuyela emdlalweni. Ngomzuzu ka-15 iqembu lasekhaya lithole iphenathi ngemuva kokuthi uSiyabonga Ngezana edonse uTito Okello ebhokisini. Uvukile yena u-Okello wathatha iphenathi wayibeka phakathi.

Nangemuva kwaleli goli iBafana ibidlala kahle futhi ingatatazeli uma iphethe ibhola. Akumangazanga ngesikhathi u-Oswin Appollis eshaya igoli lokulinganisa leBafana ngomzuzu ka-17, kulandela iphasi enhle ebivela kukaputeni uThemba Zwane.

IBafana iwatholile amathuba kushaywa amanye amagoli kodwa yalokhu isinda ngokulambisa iSouth Sudan. Nokho ubuyile u-Appollis washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-45+2, zaya ekhefini kungu 2-1.

Ngesiwombe sesibili kugqame amaphutha odongeni lweBafana ikakhulukazi uNgezana. Kugcine konakele iBright Stars ishaya elokulinganisa ngomzuzu ka-63.

Kulamule kona ukuthi u-Aubrey Modiba akhombise amava akhe uma kuyiwa phambili noma kuvinjwa emuva. Ugcine elitholile igoli lokuwina uMbatha. Lo mdlali uyena otakule iBafana ngesikhathi eshaya igoli ekugcineni ibambana ne-Uganda ngo 2-2 emdlalweni wokuqala we-Afcon.