IBetway Premiership

UMngqithi usafuna iDowns ihlangane kangcono

SIHLE NGUBO 

Ubona kusamele bahlangane kangcono umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ozwakalise ukungenami ngokugcwele emdlalweni wabo wokuqala weBetway Premiership.

Usho kanje ngemuva kokuthi ezakhe zinqobe ngo 2-0 kwiSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ebusuku.

“Asikho bukhali ngokwanele phambili yize siwakha amathuba. Ngethemba ukuthi sisazoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMngqithi kwiSuperSport TV.

Mayelana nabadlali abasha uthe: “Abakakwenzi lokhu okufunekayo, iseyinde kakhulu indlela okumele siyihambe.”

Kulo mdlalo kugqame ukungabi khona kukaTeboho Mokoena noKhuliso Mudau abebephunyuziwe. UThemba Zwane no-Aubrey Modiba nabo baqale ebhentshini.

Izinto bezibukeka zingahlangani kahle kwiSundowns kwaze kwaba kungena uZwane noModiba. Ukungena kwalaba badlali kwenze ushintsho ngokushesha kuBafana Ba’Style.

Igoli ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-62 kanti lize nomgadli omusha u-Iqraam Rayners. Akuthathanga sikhathi yabuya iSundowns yashaya igoli lesibili ngomzuzu ka-65, elibekwe phakathi uRibeiro Costa. Lo mdlali ugcine egqokwe njengomdlali wosuku.

Ukunqoba kwiSundowns kuyinyusele esicongweni selogi yePremieship. Ngempelasonto iSundowns izodlala kwiCaf Champions League lapho izobhekana neMbabane Swallows emlenzeni wesibili. Umlenze wokuqala unqotshwe yiSundowns ngo 4-0.