Izinqumo zikaMngqithi zishayisa amakhala kwiDowns
Kubonakala sengathi uyagembula, udlala ngegeja kuziliwe futhi unokweya iqembu azodlala nalo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi.
Lo mqeqeshi usenqume ukuthi uzophumuza abadlali bakhe abamqoka uma esebhekene neSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ntambama.
Labo badlali uTeboho Mokoena noKhuliso Mudau okuvela ukuthi ngeke babe khona kulo mdlalo womkhaya wasePitoli.
“Ukuze silwe nokuthi abadlali bahlale bazi ukuthi bazosithola isikimu njalo, kwiSundowns into esidle ngayo ukuncintisana,” kusho uMngqithi.
“Uma ucabanga ukuthi uzodlala noma yinini uma ufuna ukudlala uzohlale unenkinga. Omunye umdlali ongemuva kwakho ulinde ithuba elilodwa nje lokudlala.
“Kuhlale kuba nzima ukukhipha umdlali owenze kahle futhi iqembu linqoba. Yingakho eqenjini elifana neSundowns kufanele ukuthi umdlali nomdlali azi ithuba elincane angalothola.
“Kumele ulisebenzise ngendlela ngoba uzomangala uma uzithola ungadlali. Kodwa uthathwa njengomdlali ophezulu, lo odlalayo ngaleso sikhathi wenza kahle, bese senzenjani?
“Ngabe kumele singabi neqiniso kumdlali omncane ukuze sibhekelele wena? Akuhambi kanjalo.”
ISundowns ayiyiqalanga kahle isizini ishaywa yiStellenbosch FC kweyandulela owamanqamu weMTN8 ngo 1-0 kulandelana. Konke lokhu kuyicindezile iSundowns ngaphansi kukaMngqithi.
Ngempelasonto Abafana Ba’Style bashaye iMbabane Swallows ngo 4-0 emdlalweni weCaf Champions League. Mhlawumbe lokhu kungamnika ithemba uMngqithi ngaphambi komdlalo womkhaya.