Abafana Bes’thende bayivule ngegiya eliphezulu eyeligi
SIHLE NGUBO
ILamontville Golden Arrows ishayela phezulu kulandela ukunqoba umdlalo wokuvula isizini lapho ishaye khona iStellenbosch FC ngo 2-0 koweBetway Premiership, e-Athlone Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku.
Kube amagoli kaSiya Mthanti noLungelo Nguse, ngesiwombe sesibili, aqinisekise ukuthi Abafana Bes’thende babuya namaphuzu aphelele eKapa.
Ukunqoba kwaleli qembu laKwaZulu-Natal kusho ukuthi liqhwakele kwilogi yePremieship ngemuva kwemidlalo yomzuliswano wokuqala.
I-Arrows ingelinye lamaqembu ayisikhombisa avule isizini entsha ngokunqoba. Amanye yiKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, iSekhukhune United, iRichards Bay nePolokwane City.
Lo mphumela akungabazeki ukuthi usho lukhulu komqeqeshi uMabhudi Khenyeza uma kubhekwa indlela edlala ngayo iStellies selokhu kuqale isizini.
Leli qembu likaSteve Barker lizodlala owamanqamu weMTN8 ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Okthoba 5. Lokhu kulandela ukuwashisa ijezi ompetha beligi iMamelodi Sundowns kulo mqhudelwano.
I-Arrows yona ayizange iyidlale iMTN8 nonyaka njengoba ingakwazanga ukuqeda kwiTop 8 ngesizini edlule. Empeleni alikho iqembu laKwaZulu-Natal elikwaze ukungena kwiMTN8 kulokhu.
Emdlalweni olandelayo i-Arrows izokwamukela iMarumo Gallants eMpumalanga Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. IGallants ivule ngokushaywa yiChiefs ngo 2-1 ngempelasonto edlule.