IBetway Premiership

OweChippa ucacisa ngokukhipha uJali bedliwa yiBucs

SIHLE NGUBO 

Umqeqeshi weChippa United, uKwanele Kopo, usecacise ukuthi kungani ekhiphe u-Andile Jali ngesikhathi sekhefu bebhekene ne-Orlando Pirates.

IChilli Boys ivule isizini ngokushaywa yiBucs ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlali, owagqama kwiPirates eminyakeni edlule, ushaye imbumbulu yegoli ngomzuzu ka-22, wayizwa ngendaba unozinti weBucs, uSipho Chaine.

Nokho uJali akabange esabuya ngesiwombe sesibili nokwenze izinto zashintsha kwiChilli Boys.

“UJali ubenenkinga yokulimala (hamstring) besigembula nje ngokumfaka,” kusho uKopo kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Akazange aziqeqeshe izinsuku ezintathu kuleli sonto, kodwa besidinga umuntu onjengaye, onamava nokwazi ukwenza izinto zenzeke.

“Ngesikhathi sesilahlekelwe uyena izinto zishintshile…kube khona nemilenze ebese ikhathele.

“Lokhu kukhombisa iqembu elingekho ezingeni lokuba yimiqemane ngenxa yokungadlali imidlalo eyanele yokulungiselela isizini.”

IChilli Boys kuzomele ivuke izithathe njengoba izokwamukela iRichards Bay FC, eBuffalo Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

Ngasohlangothini lweBucs izobhekana neJwaneng Galaxy koweCaf Champions League ngempelasonto. Emlenzeni wokuqala eZimnyama zinqobe ngo 2-0 eBotswana.