OweChiefs ulobizela iCarling Knockout abazoyivula neSuperSport
SIHLE NGUBO
Unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, uthi bakubheke ngabomvu ukudlala kwiCarling Knockout ka-2024, eyethulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili eGoli.
Amakhosi aqhathwe neSuperSport United kulo mqhudelwano osekungokwesibili uba khona kule sizini.
Ngesizini edlule iStellenbosch FC iyona ekhale yemuka neCarling Knockout kulandela ukushaya iTS Galaxy kowamanqamu, eMoses Mabhida Stadium.
IChiefs neSuperSport basabhekana emdlalweni weBetway Premiership, eFree State Stadium, ngo-Okthoba 26.
“Kuhlale kuyinto ejabulisayo ukudlala neSuperSport United. Siwubheke ngabomvu umdlalo, kuzoba yindebe yethu yokuqala esizozama ukuyilwela,” kusho uPetersen.
IChiefs ayizange iyidlale iMTN8 nonyaka ngenxa yokuthi iqede ngaphandle kweTop 8 ngesizini edlule.
Ompetha beMTN8, i-Orlando Pirates, bazobhekana nomakoti bePremiership iMagesi FC, kanti ompetha beligi iMamelodi Sundowns bazobhekana neLamontville Golden Arrows.
Umdlalo wamanqamu wamanqamu uzokuba se-Orlando Stadium, ngoDisemba 21. I-PSL isazozimemezela izinsuku nezinkundla kodwa imidlalo izoqala ngempelasonto ka-Okthoba 19.
Imidlalo yeCarling Knockout Last 16:
SuperSport United v Kaizer Chiefs; Richards Bay FC v Sekhukhune United; AmaZulu FC v Stellenbosch FC; Polokwane City v Marumo Gallants; Cape Town City v Royal AM; TS Galaxy v Chippa United; Orlando Pirates v Magesi FC; Mamelodi Sundowns v Lamontville Golden Arrows