IChiefs imataniswa nokuthenga iqembu lebhola labesifazane
SIHLE NGUBO
Kuvela ukuthi iKaizer Chiefs inezingxoxo nowayengumdlali weBanyana Banyana, uJanine van Wyk, mayelana nokuthenga iqembu lakhe lebhola iJVW FC, edlala kwiHollywoodbets Super League.
Ngokwemibiko iJVW inenkinga yemali ngakho sebeyahluleka ukukhokhela izindleko ezibhekene nokuphatha iqembu.
UVan Wyk, obengukaputeni weBanyana, usanda kuwagaxa emgibeni amakhokho akhe ekudlaleleni iqembu lesizwe, kanti uyena umnini nomqeqeshi weJVW FC.
Le ngwazi iyona ephethe irekhodi lomdlali odlale imidlalo eminingi kunabo bonke emaqenjini esizwe e-Afrika (kwabesilisa nabesifazane). Uyeke ukudlala ibhola esedlalele iBanyana kawu-185.
Impempe ibe isithinta uVina Maphosa owengamele ezokuxhumana kwiChiefs ukubuza ukuthi ngabe bayakhuluma yini nabaphathi beJVW FC.
“Ayikho into ekanjalo esalethiwe ehhovisi lami ukuthi ngiyidlulise,” kusho uMaphosa.
“Indlela esisebenza ngayo eqenjini ukuthi asishicileli into ekhulunywayo kodwa siveza izinto osekuvunyelwene ngayo. Ngiyabonga ngokubuza, ube nosuku oluhle.”
Sekunesikhathi eside abalandeli bebuza ukuthi iChiefs ne-Orlando Pirates babanjwe yini ukuba bamaqembu abo abesifazane. Njengamanje yiMamelodi Sundowns neRoyal AM kuphela amaqembu ePremiership aphinde abe nawabesifazane.
Imizamo yokuthola uVan Wyk ayiphumelelanga ngoba ucingo ubengaluphenduli. Nokho uke wacashunwa kwiDiskiTimes ethi bavulelekile ukukhuluma nanoma wubani ngoba izindleko zeqembu zibha eqolo.
Njengamanje iJWV FC isendaweni yesihlanu kwilogi yeSuper League, kanti sekusele kancane kusongwe isizini ka-2024. Ngesizini edlule iqede isizini isendaweni yesithathu.