Ikhilikithi

UMlaba usezihola phambili ngamawikhethi kweyoMhlaba e-UAE

SIHLE NGUBO 

UNonkululeko Mlaba weNingizimu Afrika usezihola phambili ngokuthatha amawikhethi kwiNdebe yoMhlaba yeT20 yabesifazane, eqhubekayo e-United Arab Emirates, eDubai.

Lo mshwibi uphinde wathatha amawikhethi amathathu (3-12) ngesikhathi amaProteas eshaya iScotland ngama-run angu-80, eDubai Sports City Cricket Stadium, ngoLwesithathu.

Ukuthatha la mawikhethi kwale ntokazi yaKwaZulu-Natal kuchaza ukuthi seyizihola phambili ngamawikhethi ayisishiyagalombili kulo mqhudelwano.

INingizimu Afrika beyidinga ukunqoba lo mdlalo futhi iwunqobe kahle ukuze izibeke ethubeni lokudlulela phambili.

Iqembu lakuleli liqhuzukile ngesikhathi lishaywa yi-England ngamawikhethi ayisikhombisa emdlalweni wesibili. Kowokuqala lishaye iWest Indies ngamawikhethi ayishumi.

Ukaputeni weNingizimu Afrika, uLaura Wolvaardt, uyena owine ithosi wakhetha ukubhetha kulo mdlalo.

Ungene noTazmin Brits benza ama-run angu-60 kwi-powerplay (ama-over ayisithupha okuqala) okungamaningi kunawo wonke kule Ndebe yoMhlaba yeT20 eqhubekayo e-UAE.

UWolvaardt uphume esehlanganise ama-run angu-40, kanti uBritz ubesenze angu-43. Omunye umdlali owenze kahle uMarizanne Kapp naye ophume esenama-run angu-43. UKapp uqokwe njengomdlali wosuku.

AmaProteas aqede ama-over angu-20 esenama-run angu-166. Lawa ama-run amaningi kunawo wonke aseke ahlanganiswa yiqembu kulo mqhudelwano.

Iphendula iScotland ayiqalanga neze kahle. Ilahlekelelwe amakhethi amathathu kwi-powerplay, kanti kula mawikhethi uChloe Tryon uthathe amabili, u-Ayabonga Khaka wathatha eyodwa.

Ngemuva kwalokho zivele zihla ngohologo kubhoke uMlaba, uDe Klerk, othathe amawikhethi amabili noSune Luus, naye othole eyodwa.

Umdlali owenze ama-run amaningi kwiScotland kube uFraser ophume enangu-14. IScotland iphume yonke isenze ama-run angu-86.

Emdlalweni wokugcina wamaqoqo iNingizimu Afrika izobhekana neBangladesh ngoMgqibelo. Njengamanje isesicongweni kuGroup B.