EzakamuvaiNedbank Cup

Ucikwe onompempe ‘abanqume umphumela’ owoSuthu

Umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, ukhale kakhulu ngendlela onompempe abebephethe ngayo umdlalo wezakhe weeNedbank Cup ne-Orlando Pirates.

Lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibeo ebusuku uphele ngo 4-2, kunqoba iPirates kodwa uMartin uthe kwenzeke ihlazo elikhulu kuwo.

Ubengasho ke ukushaywa kwezakhe, kodwa lo mqeqeshi odabuka eSpain ukhwele wadilika kubaqeqeshi ethi bafake ibhola ehlazweni elibi. 

Isigameko esimcike kakhulu yiphenathi etholwe yiPirates ngaphambi kancane kokuphela kwesiwombe sokuqala.

Owayengukaputeni woSuthu uMakhehlene Makhaula uvele waziwela ngaphakathi ebhokisini kwasho ukuthi kukhona uTaariq Fielies ngemuva kwakhe. 

Unompempe akazange esangabaza, walikhomba emlotheni qede uuPatrick Maswanganyi walinamathisela enethini, kwayiwa ekhefini sezibambene ngo1-1. 

AmaZulu abebekwe phambili yigoli likaPule Ekstein ngasekuqaleni komdlalo.

“Uyafuna ngikhulume ngebhola noma ngokuthi yini ngempela enqume lo mdlalo?,” kusho uMartin ngemuva komdlalo.

“Ngiyakubuza, ibhola noma yini ngempela enqume lo mdlalo? Lena inkinga esibhekene nayo lapha ukuthi imiphumela inqunywa ngabantu abangebona abadlali.” 

“Futhi yihlazo, yihlazo elikhulu, besidlala neqembu elihamba phambili emiqhudelwaneni (yezindebe) futhi safinyelela (okokuqala) ngemuva kweminyaka engu-12 kuma-quarterfinal eNedbank Cup… 

“Siwine isiwombe sokuqala, noma ngabe bekubhalweni ebhodini lemiphumela, yithi ebesihamba phambili. 

“Nangesiwombe sesibili, bekuwumdlalo ovulelekile, umdlalo omnandi, impi emnandi, sabuyela emdlalweni kwana u-2-2.

“Besishaya into ecokeme, besingawunqoba umdlalo ukusuka lapho.

“Kodwa ekugcineni ngaleli ngenxa yaleliya goli, kungathi bawine ngendlela engafanele.

“Kodwa vele yinto esibhekane nayo isizini yonke kuMaZulu, imiphumela inqunywa ngomunye umuntu ocabanga ukuthi asinayo imindeni, asisebenzi kanzima.”

UMaritin ubengaqali ukukhala ngonompempe njengoba isizini yonke ubelokhu ekuveza ukungenami kwakhe ngabo.

Akuyena ke yedwa, nabanye abaqeqeshi bayakhala njengoba izinga lonompempe libukeka liya ngokwehla ebholeni lakuleli. 

“Sifuna okusifanele. Uyadinga ukuthi ngikutshele? Bekungabonakali? Ingabe udinga ngempela ukungibuza umbuzo? 

“Aniwubukanga yini umdlalo, anibonanga ukuthi kwenzekeni,” kuqhuba lo mqeqeshi obedinwe egane unwabu.

“Besingathola ikhadi elibomvu (ngemuva kokubekwa kwephenathi) engafanele… 

“(Kodwa) Yinto esesiyijwayelekile… Sesiyakwazi ukuzibamba futhi ngemuva kwaleli hlazo, sibuyele enkundleni sakwazi ukulawula imizwa.

“Sidlale ngokuziphatha nangeqophelo eliphezulu futhi kulungile asizange siwuthole umphumela.

“Uma udlala izimo zimelene nawe, kubuhlungu kodwa manje sesikujwayele, uyazi, siyazi ukuthi yini okumele siyilindele uma sidlala namaqembu afana naleli. Kuyihlazo.”