Kungase kubhuntshe owobungani weChiefs neMarumo
SIHLE NGUBO
Ungase ungabi khona umdlalo wobungani obubhekwe ngabomvu phakathi kweKaizer Chiefs neMarumo Gallants, eToyota Stadium, eBloemfontein ngeSonto ngo-3 ntambama.
Leli qembu laseNaturena liqinekise ngesonto eledlule ukuthi lizongcweka neMarumo Gallants emdlalweni lapho la maqembu ezobe ebanga khona iCufe Cup.
Nokho ngoMgqibelo ebusuku iGallants ikhiphe isitatimende ithi ingase ingayi kulo mdlalo ngenxa yezizathu ezithile.
“IMarumo Gallants ifisa ukwazisa abalandeli bayo ukuthi ngeke ikuqinisekisa ukuthi izodlala neKaizer Chiefs emdlalweni weCufe Cup ngo-Okthoba 13 ngenxa yokungavumelani ngenkontileka nabahleli (bomdlalo),” kusho isitatimende esithunyelwe yiGallants.
“IMarumo Gallants izosho uma lokhu kungavumelani kulungiswa kusenesikhathi ukuthi ikwazi ukuba yingxenye yalo mdlalo.”
Akwaziwa ukuthi yini ebangwayo kodwa ukubhuntsha kwalo mdlalo kungabaphoxa kakhulu abalandeli. Amathikithi awo adayisa u-R75 futhi akungabazeki ukuthi baningi asebewathengelile njengoba ingekho eminye imidlalo yebhola ngenxa yekhefu leFifa
Amakhosi awaqali ukuyojabulisa abalandeli bawo eBloemfontein. Ngaphambi kokuqala kwesizini iChiefs idlale neYoung Africans yaseTanzania emdlalweni weToyota Cup, yashaywa ngo 4-0.
IChiefs izobuyela emidlalweni yeligi ngokubhekana neSuperSport United khona eBloemfontein ngo-Okthoba 26.
Nokho ngaphambi kwalokho la maqembu azotholana phezulu koweCarling Knockout ngo-Okthoba 19.

