Injabulo koweNtokozo Myeni Tournament kuthathwa abafana bakhe kwiTS Galaxy
SIHLE NGUBO
Uzishaya isifuba uNtokozo Myeni ngabafana abasuka ngaphansi komqhudelwano wakhe waminyaka yonke, asebezodlalela iTS Galaxy eqenjini layo lenkulisa.
Ukitazeka kakhulu uMyeni, ongumsunguli weNtokozo Myeni Under 15 Soccer Tournament, ukuthi uBandile Sibiya (17) noKhulasande Xulu (16), sebezoba yingxenye yomndeni weRockets, kaTim Sukazi.
Lo mqhudelwano kaMyeni uba khona njalo ngoJuni, eNgwelezane, kanti ukhombisa ukudlondlobala minyaka yonke.
Impempe.com ibiyingxenye yawo nyakenye lapho kuhlaluke khona isasasa nokulangazelela kubafanyana abangaphansi kweminyaka engu-15.
USibiya noXulu sebevele bathathe imigodlana yabo, bayoqala impilo entsha kwi-Under 19 yeTS Galaxy, okuyigxathu elikhulu kakhulu empilweni yabo.
UMyeni uthe laba bafana uyabajabulela kakhulu ngoba bakhombisa ukuba nentshisekelo ngonobhutshuzwayo, ngale kwekhono abanalo.
“Laba bafana baqale ukudlala kwiNtokozo Myeni Under 15 Soccer Tournament, ngo-2023,” kusho uMyeni.
“Bakhethwa ubaba uMike “Nanana” Ntombela, owayekhona ezohlwaya ikhono lezingane nabanye abahlwayi ngalowo nyaka.
“Sibe sesibafaka esikwatini sabadlali abangu-23, ebesilokhu sihamba naso siya emiqhudelwaneni lapho bekusuke kunabahlwayi bekhono khona.
“Lapha sikhuluma ngokuya eGoli, eThekwini, beyodlala… njengoba sekugcine kwenzeke lokhu, saya kwinhlolokhono yeTS Galaxy.
“Sisuka nabo kude kakhulu nalaba bafana ngo-2023. Sinethemba kakhulu lokuthi bazofike benze kahle kwiTS Galaxy.
“Sifisa badlale ngokuzimisela, sibabone benyukela eqenjini elikhulu. Nakhona bafike benze kahle.”
UMyeni uthembise ukuthi umqhudelwano wakhe waminyaka yonke, ukhona nakanjani nonyaka ngoJuni eNgwelezane, futhi izinga lawo lizothi thuthu.

