Ibhola

Ubani ofanelwe ukuba ukaputeni weChiefs?

SIHLE NGUBO 

U-Inacio Miguel, osanda kufika kwiKaizer Chiefs, ubukeka esezakhele ugazi ngokushesha kubalandeli baMakhosi ngemuva kokudlala imidlalo emithathu kuphela yeligi.

Lesi sitobha sase-Angola sekucacile ukuthi asibhenywa singensangu emuva, futhi siyilaba badlali abathi kudlula okukodwa phakathi kwendoda nebhola.

UMiguel uyena obegqoke ibhande likakaputeni ngesikhathi iChiefs ibhekene neMarumo Gallants koweCufe Cup, eToyota Stadium, eBloemfontein ngeSonto.

Kulo mdlalo, ophele ngo 0-0 emizuzwini engu-90, iChiefs igcine inqobe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi, yaphakamisa iCufe Cup ebidlalelwa okokuqala.

Akubanga umdlalo omuhle kwiChiefs nokungenzeka ukuthi nokushisa kube nomthelela. Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, naye uzwakalise ukungenami ngokulahla inqwaba yamathuba kweqembu lakhe.

Okuhlalukile nokho ukuthi udonga lweChiefs luwukhonkolo futhi umuntu olenza luqine kakhulu uMiguel, ongavamisile ukwenza amaphutha.

UYusuuf Maart, okunguyena ukaputeni weChiefs, ungene ngesiwombe sesibili kulo mdlalo. UMaart unakho ukwenza amaphutha ikakhulukazi ekuphaseni esiswini, nokuyinto ebonakele nasemdlalweni wangeSonto.

IChiefs ayishodi ngokaputeni ngoba uReeve Frostler uke aligqoke ibhande likakaputeni, kanjalo noGiven Msimango uma ekhona enkundleni.

UBruce Bvuma, odlale kahle kulo mdlalo evimba amaphenathi amabili, naye useke aligqoke ibhande kuMakhosi. Njengamanje kubukeka kunguBvuma ongunombolo 2 konozinti beChiefs njengoba kuhlezi kuqala uFiacre Ntwari.

IChiefs izobhekana neSuperSport United emdlalweni weCarling Knockout Last 16, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

Umbuzo omkhulu owokuthi ubani ofanelwe yibhande likakaputeni kwiChiefs kulaba badlali abakhona njengamanje?