EzakamuvaIbhola

ILibya neNigeria badlala umalalisana emnyango, hhayi eye-Afcon

INigeria seyikhethe ukuhoxa ekudlaleni umdlalo wokuhlunga we-Africa Cup of Nations (Afcon) ebizowudlala neLibya ngoLwesibili.

Lokhu kulandela amahora angu-12 anzima leli qembu lesizwe eliwahlale esikhumulweni sezindiza e-Al-Abraq International Airport eLibya, lapho iqembu beliquve khona linganakwa kusukela ngeSonto.

Kuvela ukuthi iqembu laseNigeria ebelibheke eBenghazi ukuyodlala umdlalo obalulekile we-Afcon, lihlangabezane nenkinga ngesikhathi indiza yalo kuthiwa ayichezukele e-Al-Abrag, okuyisikhumulo sezindiza esincane esingasethenziswa amabhanoyi amakhulu.

Ngemuva kokufika lapho iqembu lishiywe langanakwa yiLibyan Football Federation, engazange ililungisele into ebizolisusa lapho.

Esitatimendeni esikhishwe yiNigerian Football Federation (NFF) ngoMsombuluko, ithe iSuper Eagles ivaleleke esikhumulweni sezindiza amahora angu-12, yangakwazi ukufinyelela ehhotela eBenghazi, eliqhele ngamahora amathathu.

I-NFF iveze ukuthi abadlali sebenqume ukuhoxa ekudlaleni lo mdlalo kanti bese kwenziwa izinhlelo zokuthi babuyele emuva eNigeria.

“Abadlali abakhathele nezikhulu zeqembu bahlale benganakiwe bengakwazi nokwenza lutho bezitshwe yiLibyan Football Federation, ehlulekile ukuthumela ithimba lokuhlangabeza noma izimoto ukuhambisa iqembu lisuka esikhumulweni sezindiza liya ehhotela – okuthiwa kungamahora amathathu eBanghazi,” kusho isitatimende seNFF.

“I-NFF yenze izinhlelo zezimoto ezihlukile zeqembu kodwa lokho kwangaphumelela ngenxa yokuchezulwa kwebhanoyi endleleni yalo.

“Abadlali sebekhethe ukuthi bangawudlali lo mdlalo njengoba neNFF yenza amalungiselelo okuthi iqembu libuyele emuva ekhaya.”

Okuvelayo lapha ukuthi iLibya iyaziphindiselela kwiNigeria nayo elilalise esigangeni ngesikhathi iyodlala owe-Afcon kuleli lizwe ngesonto eledlule. Ayichithanga sikhathi yenza okufanayo iLibya.

IBafana Bafana ike yazithola ingondinga sithebeni ePort Harcourt, eNigeria, ngesikhathi iyodlala ne-Eagles ngoJuni nonyaka. Yatshelwa ukuthi izodlala lapho ngoba isikhumulo sezindiza sasi sivaliwe.