‘Kuhlukumezeke izingane zami ngicija iChiefs,’ kusho uZwane
Umqeqeshi omusha waMaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwane, useveze ukuthi uhlukumezeke kanjani ngesikhathi engumqeqeshi weKaizer Chiefs kumasizini edlule.
UZwane ubengumqeqeshi weChiefs ngesizini ka-2022/2023 kodwa kuthe uma kuphela isizini wasuswa esikhundleni sokucija leli qembu laseNaturena.
Ngaleso sikhathi abalandeli beChiefs bebesho noma yini abayithandayo ezinkundleni zokuxhumana, becikwa ukuthi iqembu kade lagcina ukuqukula indebe.
Okuhlalukile ukuthi nalabo ababefuna ukuthi lo mqeqeshi anikwe lo msebenzi bese becula iculo elihlukile ngesikhathi kungahambi kahle kwiChiefs, ngaphansika kukaZwane.
Lo mqeqeshi usanda kufika kuMaZulu lapho ezocija khona iqembu ngokubambisana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi.
“Mayelana nalokho abantu ababekusho, kuyingxenye yomdlalo,” kusho uZwane ekhuluma nabezindaba eKings Park Stadium ngoLwesithathu.
“Angikuthathi ngenhliziyo ngoba kuza nayo yonke into osuke uyenza, njengoba wonke umuntu enombono ohlukile futhi ngiyakuhlonipha lokho.
“Kufanele sazi ukuthi abantu bafaka konke okwabo emdlalweni. Ngakho akukhona ukuthi abakuhloniphi noma bayakuzonda, kuza nakho konke lokhu okwenzayo.
“Abantu okuyibona abahlukumezeka kakhulu, kodwa ozamayo ukubenza banganaki, izingane. Kuzihlukumezile izingane zami kodwa hhayi mina ngoba sengibe kulo mdlalo iminyaka eminingi.
“Bekumele ngibenze baqonde ukuthi yilapha uyihlo ekhona, ngakho kumele nikuqonde lokho. Kuphakathi kokuthi udlalela kude nabo noma uyabeseba ngoba uyawuthanda lo mdlalo.
“Uma uyihlo enqoba, nani niyajabula. Ngakho yilokhu okwenzekayo uma imiphumela ingemihle.”
AmaZulu azokwamukela ompetha beCarling Knockout, iStellenbosch FC, emdlalweni weLast 16 yalo mqhudelwano, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku.