UKhoza uncoma amagalelo kasihlalo weKaizer Chiefs
SIHLE NGUBO
Usihlalo wePremier Soccer League (PSL) uncoma amagalelo kasihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, ebholeni laseNingizimu Afrika.
UKhoza uveze lokhu ngesikhathi efisela uMotaung usuku oluhle lokuzalwa njengoba ehlanganisa iminyaka engu-80 ngoLwesithathu (Okthoba 16).
UMotaung ungumsunguli weChiefs okuyiqembu lebhola elihlonishwayo eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana. Ngaphandle kwalokho uMotaung uyinkakha ye-Orlando Pirates njengoba ayedlalela eZimnyama ngezikhathi zakhe.
“Namuhla usuku olukhethekile lokuzalwa kukaKaizer Motaung. INingizimu Afrika iyizwe elingcono ngoba kulolu suku iqhawe lazalwa ngo-1944,” kusho uKhoza esitatimendeni.
“Umangaze umhlaba ngekhono lakhe lebhola njengomdlali. Ikhono lakhe labumba iqembu elibonisa umhlaba wonke ibhola laseNingizimu Afrika.
“Njengomholi ufake isandla kakhulu ekutholeni uxolo ngesikhathi isizwe sihlukene phakathi ngenxa yodlame lwepolitiki.
“Wayeyingxenye yethimba ngesikhathi sithola ilungelo lokuba osokhaya beNdebe yoMhlaba ngo-2010. Ngesikhathi iCovid-19 ihlasela izwe ngo-2020 waphinde wasukuma waba yingxenye yesixazululo.
“Ngikufisela usuku oluhle lokuzalwa eminyakeni engu-80 mngani wami. Sengathi uMdali angakubusisa ngokukwandisela uqhubeke nokufaka isandla ekwakheni ubuntu.”
IChiefs izobhekana neSuperSport United emdlalweni weCarling Knockout Last 16, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku. Kulindeleke ukuthi iqembu linqobe lo mdlalo njengesipho sikaMotaung sosoku lokuzalwa.