EzakamuvaIbhola

Kusale kancane asole uPercy Tau uBroos kushaywa iBafana

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ubona ukugeja iphenathi kukaPercy Tau kulenzele phansi kakhulu iqembu emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, ngoLwesibili ebusuku.

IBafana iyivule kabi imidlalo ye-Afcon, ithelwa othulini yiMali ngo 2-0 emdlalweni kaGroup E.

Kulo mdlalo bekubukeka kuyiBafana ezoshaya igoli kuqala ngendlela ebidlala kahle ngayo ngesiwombe sokuqala.

Ilitholile ithuba lokuhamba phambili ngesikhathi kudlaliswa kabi u-Evidence Makgopa ebhokisini, unompempe wayikhomba emlotheni.

UPercy Tau umangaze abaningi ekha amabhilidi, lemuka kanjalo ithuba lokushaya igoli lokuqala leBafana kwi-Afcon. 

Okuqaphelekile nokho ukuthi ekuqaleni bekungathi iphenathi izoshaywa uTeboho Mokoena kodwa wabonakala eshenxa ededela uTau. 

Akwaziwa ke ukuthi ubani othe akube uPercy Tau, noma uyena ozifunele ukuba yiqhawe.

UBroos uthe ukungayibeki phakathi le phenathi kuze nezinkinga eqenjini lakhe.

“Kunabadlali abathathu (abathatha amaphenathi) emdlalweni. Labo ngu-Aubrey Modiba, uTeboho Mokoena noPercy Tau,” kuchaza uBroos ngemuva komdlalo.

“Yibona abathatha izinqumo enkundleni. Kusuke kungekho kimina, lowo osuke ezethemba kumele athathe iphenathi.

“Ngicabanga ukuthi uTau uzithwese lokho futhi ngeke simgxeke ngalokho. 

“Ukuthatha iphenathi akuyona into elula. Kodwa (ukuyigeja) kuwushintshile umdlalo.”

Ngemuva kokuthi iBafana igeje iphenathi, ivuke indlobane iMali

Kucisho kwayiwa ekhefini seyihamba phambili, kwasiza uRonwen Williams ezintini.

Ngesiwombe sesibili kushintshe kakhulu, nokuyilapho iNingizimu Afrika idedele amagoli amabili emizuzwini eyisithupha.

Emdlalweni olandelayo iBafana izobhekana neNamibia. Nawo lo mdlalo ngeke ube lula njengoba ezikaPeter Shalulile zimangaze iTunisia ziyishaya ngo 1-0.

Uma iBafana ingawini seyibhekene neNamibia kuyosho ukuthi kumele idume indiza ebuyela eNingizimu Afrika eyobe ilayishe abadlali bakuleli.