IBetway Premiership

Kuyabhimba kuSuthu olusuthe iNkota e-Orlando Stadium 

SIHLE NGUBO 

Kubukeka konakala kuya phambili kuMaZulu FC athelwe othulini yi-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.

Leli qembu laseThekwini lisezwa ngamanye amaqembu ePremiership ukuthi kunjani ukuba nephuzu emidlalweni yeligi ngaphansi kwabaxhasi abasha iBetway.

Ukushaywa koSuthu ngoLwesihlanu kuchaza ukuthi lusahlulekile ukuthola iwini emidlalweni yeligi emine yokuqala, lapho lushaywe kuyona yonke.

Usuthu luqale lwayibamba kahle emuva lungavumeli iBucs ukuthi izenzele umathanda. Bekudlala kahle uThembela Sikhakhane kwesokudla noRiaan Hanamub kwesokunxele emuva.

Nokho kube khona ukunganaki kwaboSuthu ngomzuzu ka-31 nokwenze uMohau Nkota waqhulula intuthu yegoli ayizwe ngendaba uRichard Ofori ezintini zezivakashi.

Kuphele imizuzu emihlanu aphinde azithela ngabandayo AmaZulu, ezama ukudlala ibhola elisusa emuva. Ilithathile iPirates yalibeka kuNkota waliqabulisa inethi ngomzuzu ka-36.

Ucisho washaya igoli lesithathu uNkota ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kodwa ibhola lakhe lashaya ipali labuyela enkundleni, esesele u-Ofori.

AmaZulu ashaye igoli seliyoshona kulo mdlalo kanti lize noHendrik Ekstein. Nokho iBucs ibisiwaqoqile amaphuzu amathathu yabuyela esicongweni ngawu-15.

UNkota (19) ongcwabe Usuthu waqokwa njengomdlali ovelele uthe: “Okokuqala ngibonga ophezulu bese ngibonge ozakwethu nomqeqeshi ngokunginika ithuba.

“Ngiyajabula ngendlela engidlale ngayo futhi ngethemba kukhulu okuseza. Ngibonga umqeqeshi uDukuduku (Makhanya) ngakho konke angenzele kona.”

UNkota ubedlala eqenjini lePirates eligijima kwiDStv Diski Challenge (DDC) eliqeqeshwa uMakhanya.

Bese kungokwesi-18 kulandelana Usuthu luhluleka ukushaya iPirates emidlalweni yayo yonke imiqhudelwano. Akuhambi kahle neze kuMaZulu asafuna iwini yawo yokuqala yesizini kanti ayivale emsileni kwilogi yePremieship.

Abaqeqeshi ababili abasanda kuqashwa AmaZulu, u-Arthur “10111” Zwane noVusumuzi “Kanu” Vilakazi, kuzomele basebenze kanzima ukugqugquzela abadlali ngemuva kokuqala isizini ngegiya eliphansi kanje.