Umqeqeshi weRoyal AM yisotsha eliyibamba ishisa, lingahlehli
SIHLE NGUBO
UJohn Maduka, oqeqesha iRoyal AM, angathathwa njengomuntu onenhliziyo yesotsha (elinesibindi) nesikhumba sengwenya (esingalimali kalula).
Izinto azihambi kahle kwiThwihli Thwahla kaShauwn “MaMkhize” Mkhize, njengoba iqembu lingavunyelwe ukusayinisa abadlali, ngokwesigwebo abasithole kwiFifa.
IRoyal AM kufanele ikhokhele umgadli, uSamir Nurkovic, imali yakhe (elinganiselwa ku-R12 million) ukuze iFifa isuse lesi sigwebo esiyilimazayo. Nokho ezivela kwiThwihli Thwahla zithi iqembu linenkinga enkulu yemali njengamanje.
Kunabadlali asebelishiyile iqembu ngoba kuthiwa abaholi. Lezi zinkinga zemali seziholele ekutheni iqembu leRoyal AM elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC), limiswe ekudlaleni ngoba alikwazanga ukudlala imidlalo eyisithupha yokuqala.
Kukho konke lokhu uMaduka ubambelele, futhi uyazama ukusebenza ngalokhu anakho. Lo mqeqeshi akakhonondi ngokuthi akanabo abadlali uma iqembu lishayiwe, kunalokho ugcizelela ukuthi basazodlala ibhola elingcono emidlalweni ezayo.
NgoLwesithathu iRoyal AM ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli. Kulo mdlalo iThwihli Thwahla ikhombise ukulwa nokuqina emuva, ibhekene nompetha beligi.
Nokho ngoMgqibelo leli qembu lithole amaphuzu okuqala aphelele ngesikhathi lishaywa iSekhukhune United ngo 2-0 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Igoli lokuqala lishaywe u-Ayanda Jiyane ngomzuzu ka-45+1. Ziye ekhefini kungu 1-0.
Ngesesibili iThwihli Thwahla ibuye isalambile. Akumangazanga ngesikhathi uMotebeng Sera eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-47.
Akukho ukungabaza ukuthi uma leli qembu lingathola abadlali okungasenani abahlanu ngoJanuwari, sekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali, lingaba yiqembu eliyingozi kakhulu.
Nokho konke kuncike ekutheni liyayikhokha yini imali eliyikweleta uSamir Nurkovic, bese likwazi ukuqinisa isikwati salo ngabadlali abasha.
Kweminye imidlalo yePremieship ngoMgqibelo iRichards Bay FC ibambane neStellenbosch FC ngo 0-0, kwathi iTS Galaxy yabambana neMarumo Gallants ngo 1-1.