EzakamuvaIBetway Premiership

UZwane akafuni ukucindeza abadlali boSuthu ngeyeCAF

SIHLE NGUBO

Akafuni ukufakela abadlali bakhe ingcindezi, ngokuthi kumele baqede endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership, umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane.

Usuthu lusendaweni yesine kwilogi yePremiership, ngamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-24.

Njengamanje endaweni yesithathu kuhleli iKaizer Chiefs eshiya AmaZulu ngamaphuzu ayisithupha.

Amakhosi asadlale imidlalo engu-23 nokwenza kubukeke engeke esaphazamiseka endaweni yesithathu.

Leli qembu laseNaturena lithela isibhaxu kulezi zinsuku njengoba selinqobe imidlalo emihlanu ilandelana.

Ngakolunye uhlangothi Usuthu luyawadedela amaphuzu njengoba lwenzile emdlalweni odlule lubambana neSiwelele ngo 1-1.

UZwane, oke waqeqesha iChiefs, ukholwa ukuthi bekumele bawunqobe lo mdlalo uma kubhekwa amathuba abawakhile.

“Njengeqembu sinezinto esifuna ukuzifeza. Sithatha umdlalo ngamunye esisuke sibhekene ndawo,” kusho uZwane ngemuva kokudlala neSiwelele.

“Sizinake thina asinakile abanye abantu noma amanye amaqembu. Siwatholile amathuba kodwa sangawasebenzisa, nokho sikwazile ukuthola igoli elilodwa okuyinto enhle eqenjini.”

UZwane uthe emiqondweni banakho ukucabanga ngokudlala kwiCAF ngesizini ezayo.

“Njengawo wonke amaqembu sinezifiso. Siyafuna ukuhamba siyodlala e-Afrika uma ithuba elinjalo liziveza.

“Kodwa asifuni ukuzicindeza njengeqembu. Sidlala ngabafana abancane abasazama ukuzibonakalisa.

“Buka amathuba esiwakhile sangawasebenzisa. Umdlali onamava ephakathi ebhokisini ulibeka enethini.

“Kufanele ngabe sikhuluma ngokuthi umdlalo uphele ngo 2-1. Yikho ngithi angifuni ukubafakela ingcindezi.

“Angifuni ukuza kwabezindaba ngithi sizoya nakanjani e-Afrika, sinethuba elihle lokwenza lokho.”

Usuthu kuzomele luzame ukusebenzisa amathuba uma selubhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

EZimnyama zizama ukungasali kakhulu kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili kwilogi yePremiership.

Ukunqoba kuSuthu kuzobeka iPirates esicongweni njengoba iSundowns izobe idlala umdlalo weCAF Champions League ne-Esperance yaseTunisia, ngawo uMgqibelo.