IBetway Premiership

IMagesi kuzomele ingahluphi iBucs neChiefs bese yenze eseSpurs

SIHLE NGUBO 

IMagesi FC kuzofanele izame ukuthola imiphumela emihle noma ingabhekene namaqembu angathathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika, ingalingisi iCape Town Spurs.

Leli qembu eliqeqeshwa uClinton Larsen selizakhele igama ngokubamba izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, ngobhongwane.

IMagesi iqale yamangaza abaningi ngesikhathi iwashisa ijezi iPirates kwiCarling Knockout Last 16. Ishaye iBucs ngo 3-2 emdlalweni lapho ike yahamba khona phambili ngo 3-0.

Ukunqoba kweMagesi kususe izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana, kuhlekwa iPirates ngokushaywa yiqembu okuyisizini yalo yokuqala lidlala kwiBetway Premiership.

IMagesi inyukele kwiPremiership ngemuva kokudla umhlanganiso kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

NgoLwesithathu iMagesi icisho yaqeda nya ngeChiefs emdlalweni wePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Omakoti bebehamba phambili ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-17 kuphele umdlalo. Nokho iChiefs ibuyile yashaya amagoli amabili asheshayo umdlalo waphela ngo 2-2.

Ngesizini edlule iSpurs ishaye iPirates ngo 2-1 emdlalweni weligi ngomhlaka 1 Novemba ku-2023. Leli qembu laseKapa liphinde labambana neBucs ngo 1-1 e-Orlando Stadium ngoMashi 6 ku-2024.

ISpurs ivalelise ngokushaya iChiefs ngo 2-0 ngoMeyi 25, emdlalweni wokugcina weligi, yase ibuyela kwiChampionship. Ibivele iye kulo mdlalo seyidliwe yizembe.

ULarsen kumele athole isifundo kulokhu, angazitholi ebuyela ehlathini neqembu lakhe ngemuva kokubhincisela nxanye amaqembu amakhulu kwiPremiership.

Amaqembu amancane anakho ukufuna ukufela enkundleni uma edlala namakhulu bese adedele amaphuzu kalula uma edlala nalingana nawo. IMagesi kuzodingeka iqinise iqembu ngoJanuwari ngoba iyakhombisa ukuthi ayifuni ukuphindela kwiChampionship.