IBetway Premiership

OweTS Galaxy ufaka ukushisa kwabeDowns ngokushaya amagoli 

SIHLE NGUBO 

Umgadli weTS Galaxy uDzenan Zamovic ufaka umbango kubadlali beMamelodi Sundowns abahamba phambili ngokushaya amagoli kule sizini, emidlalweni yeBetway Premiership.

Lo mdlali waseBelgium, oneminyaka engu-30, ushaye igoli lakhe lesishiyagalombili ngesikhathi iRockets inqoba ngo 2-1 kuMaZulu FC kowePremiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.

Ukunqoba kweTS Galaxy kuyinyusele endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership njengoba isinamaphuzu angu-35.

UZamovic yisizini yakhe yokuqala le kwiligi ephezulu yaseNingizimu Afrika. Nokho akacucuzi phambi kwamapali, uhlula abaningi akade bajwayela kwiPremiership.

Phambili ziholwa uLucas Ribeiro Costa weMamelodi Sundowns osehlohle amagoli angu-13.

Ngemuva kwalo mdlali waseBrazil kukhona u-Iqraam Rayners wayo iSundowns, onamagoli ayishiyagalolunye.

Umbango womdlali ozoqeda isizini ehamba phambili ngokushaya amagoli, ubukeka uzoshuba kakhulu njengoba sezihubela sakusha emidlalweni yeligi.

Ngesizini edlule umklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi ukhale wemuka neTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates, ogcine eshaye angu-16.

Njengamanje uMabasa useshaye amagoli amahlanu emidlalweni yeligi kanti kuwona kukhona namathathu awashaye emdlalweni owodwa.

URibeiro, uRayners noMabasa, bazothola ithuba lokwandisa amagoli abo uma iPirates seyitholana phezulu neSundowns emdlalweni weligi ngeSonto ngo-3.30 ntambama.