UHolomisa ufisa kushintshwe abaphathi kwiKaizer Chiefs
Usopolitiki, uBantubonke Holomisa useqhamuke nombono wokuthi kumele isukunyelwe yiNingiziimu Afrika yonke indaba ‘yokubhidlika’ kweKaizer Chiefs.
UHolomisa uthi leli qembu liyingxenye yomlando nomnotho wezwe ngakho akumele kubukelelwe nje uma libonakala libheke eweni.
Lo mholi wepolitiki ungumlandeli omkhulu weKaizer Chiefs futhi usondelene kakhulu nosihlalo waleli qembu uKaizer Motaung.
Ugeqe amagula engxoxweni abe nayo nabephephandaba langempelasonto iSunday World.
“Sonke thina esingabalandeli beChiefs siyalimala emoyeni (ngenxa yemiphumela),” kusho uHolomisa.
“Nginesiqiniseko nabaphathi beqembu nabo bazizwa ngendlela efanayo.”
UHolomisa ubekhuluma ngaphambi komdlalo wePirates la kukhale khona uJessica Motaung.
UJessica ukhihle isililo ngemuva kokuthi iPirates – eyizimbangi ezinkulu zeChiefs – ibashaye ngo 3-2 ngoMgqibelo ntambama.
“Angazi yini inkinga, kodwa ngicabanga ukuthi igama leqembu likhulu kakhulu, liyasinda.
“Mhlawumbe kuzofika ekutheni thina njengamabalandeli siqhamuke nohlelo olusemthethweni lokubonisa abaphathi.
“Abalandeli bajwayela ngesikhathi (uKaizer) Motaung esazibambele mathupha (ukuyekelela yonke into eqenjini).
“Mhlawumbe ikilabhu kumele libheke ekuqasheni abaphathi bangaphandle,” kuqhuba uHolomisa.
Uthe iChiefs ayiselona nje iqembu lebhola, kodwa iyingxenye yezinhlaka ezibalulekile emnothweni wezwe.
“Uma iChiefs izodlala edolobheni elithile, amahhotela ayagcwala, abamatekisi benza imali ethe xaxa, abezitolo namagaraji bayazuza.
“Njengesizwe kumele siyigade kuhle kwezikhali zamantungwa iChiefs ngoba ngandlela thile ‘iyiqembu lesizwe’.
“Ngeke kulunge ukuthi sisonge izandla, silokhu sihleka ukuthi iyabhidlika. Asizameni ukuyibuyisela esimweni.”
FUNDA NALA: UKomphela unqabe ukunconywa ngokuqeda ishobolo le-Arrows
Uthe kumele kutholwe umqeqeshi ozokhokhelwa kahle futhi esekwe ngokuthi athengelwe noma yimuphi umdlali amfunayo.

