INatal Rich Boyz inethuba lokubalwa nabakhethekile eKZN
SIHLE NGUBO
IRichards Bay FC kusele kancane ukuthi izifake ohlini lwamaqembu aKwaZulu-Natal aseke afika kweyamanqamu emiqhudelwaneni engaphansi kwePremiership, eNingizimu Afrika.
INatal Rich Boyz izobhekana neMagesi FC emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ukunqoba lapha kwezikaBrandon Truter kuzosho ukujoyina iLamontville Golden, AmaZulu FC, neDurban City (ebeyaziwa ngeMaritzburg United) ngokufinyelela kowamanqamu.
Usuthu lwenza abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal baziqhenya ngalo ngesikhathi luguqisa iKaizer Chiefs ngo 3-1 kowamanqamu weCoca Cola Cup ngo-1991.
AmaZulu aphinde adlala kowamanqamu weNedbank Cup ngesizini ka-2009/2010 kodwa lwangaphumelela. Nangaphambi kokuqala kwePremier Soccer League (PSL) Usuthu luke lwadlala kweyamanqamu ehlukene.
Iqembu laKwaZulu-Natal elingelokugcina ukuqukula indebe yi-Arrows. Abafana Bes’thende babhabhadisa i-Ajax Cape Town ngo 6-0 kowamanqamu weMTN8 ngo-2009.
IDurban City iyakwazi ukufinyelela kowamanqamu ngesikhathi isabizwa ngeMaritzburg United. Leli qembu lashaywa yiFree State Stars ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngo-2018.
INatal Rich Boyz inyukele kwiPremiership ngemuva kokudla umhlanganiso kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ka-2021/2022. Njengamanje inethuba lokuyodlala owamanqamu okokuqala emlandweni wayo.
Nokho ezikaTruter kuzomele zigawule zibheke komakoti bePremiership, iMagesi FC. Leli qembu selikhombisile ukuthi alibhenywa lingensangu ngokushaya i-Orlando Pirates ngo 3-2 kuwona lo mqhudelwano.