EzakamuvaIbhola

‘Asimdingi umdlali wangaphandle (uRibeiro) kwiBafana,’ kusho owayedlala kwiDowns

SIHLE NGUBO 

Owayengumgadli weMamelodi Sundowns, uSandile “AK 47” Ndlovu, uthi kungaba yinhlamba nokweyisa ukubiza uLucas Ribeiro Costa waseBrazil eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

URibeiro uvutha engabaselwe kwiSundowns njengamanje futhi akalibheki ipali. Ngaphandle kokushaya amagoli uyawakha, uyamaka futhi akanawo umona ekuphaseleni ozakwabo uma benamathuba okushaya amagoli.

Muva nje lo mdlali ubuzwe ukuthi angakuthanda yini ukudlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana ngoba akakaze abizwe eqenjini lesizwe laseBrazil.

“Ngebhadi njengamanje angikaze ngibizwe noma ngicelwe ukuthi ngiyodlalela iBafana, kodwa ngingajabula kakhulu ukudlalela iNingizimu Afrika,” uphendule kanje uRibeiro 

Ukuvula izandla kwalo mdlali ngokudlalela iBafana, sekususe inkulumo mpikiswano kubalandeli bebhola ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bathi akafakwe kwiBafana kanti abanye bathi phinde, akayodlala eqenjini lesizwe laseBrazil.

UNdlovu, owake wayibamba nakwiMoroka Swallows neMaritzburg United, uthe akumele ize icatshangwe eyokufaka uRibeiro eqenjini lesizwe lakuleli.

“Baningi kabi abadlali esinabo eNingizimu Afrika abangaphezulu kwalo mfana. Singadeleli abadlali bethu, akufanele nje sidelele izingane zethu, abantu bethu esinabo eNingizimu Afrika,” kusho uNdlovu.

“Izingane (zethu) asizihloniphe uma zidlala. Baningi abafana bethu abakhona abakwazi ukudlala.

“Into engingayisho ukuthi uma sesibona ukuthi uThemba Zwane usezogaxa amakhokho emgibeni (angisho ukuthi sekuzoba njalo) kumele sithole umdlali esizomkhulisa ukuthi avale leso sikhala kwiBafana.

“Njengamaqembu aphesheya nje ahlale enaye umuntu ozovala isikhala uma sebebona ukuthi umdlali othile uzohamba eqenjini noma usemdala.

“Akumele nje sithi abantu bangaphandle bangcono kunabaseNingizimu Afrika kube kuyithina esingaphumi siyobheka umdlali ofana noRibeiro, singaphumi ukuyobheka umuntu ofana noBenni McCarthy.

“Kumele sazi ukuthi iBafana noma iNingizimu Afrika ayikho mayelana nePremiership, akhona namanye amaqembu kwiNational First Division (NFD).

“Umfana uyakhuliswa, angangabi namava kodwa uma eke wangena wadlala uyakhuliseka. Angifuni nje kudlalwe ngabafana bethu baseMzansi.

“Abafana bethu bayashisa ukuthi nje kumele banikwe ithuba nesikhathi bangene kahle. Asimdingi umuntu wangaphandle kwiBafana, sinabo abafana baningi.”

UNdlovu uyazi kahle into akhuluma ngayo yokukhulisa abadlali ngoba uneSandile Ndlovu Foundation Development esiqalile ukukhiqiza abadlali abanekhono abasebancane.