EzakamuvaIbhola

IChiefs izama ukubuyisa umdlali ‘eyamxosha’

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs kuvela ukuthi isezinhlelweni zokubuyisa umdlali ‘eyamxosha’ esikhathini esingangonyaka esedlule.

UPuso Dithejane wayekubadlali beDStv Diski Challenge (DDC) yeChiefs abaxabana neqembu kubangwa ukuthi babengafuni ukuba ‘abafana abalanda ibhola’ uma kudlala iqembu elikhulu.

IChiefs igcine imdayisele iTS Galaxy lo mdlali kanti ufike kwiRockets washaya into ecokeme kakhulu.

Leli qembu laseNaturena lizozama ukuthola abanye abadlali uma kuvulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari, kanti kuyavela ukuthi uDithejane ungomunye wabadlali abamgaqele.

Abanye okubhekwe ukuthi basayiniswe yiChiefs uma kuvulwa iwindi lokuhwebelana, u-Oswin Appollis wePolokwane City, uThato Khona weTS Galaxy noSihle Nduli weStellebosch FC.

Uma egcina ebuyile uDithejane kuzobe kungaqali ukuthi iChiefs ithenge umdlali okhulele enkulisa yayo. Ikwenzile lokho ibuyisa uMduduzi Mdantsane noZitha Kwinika.

U-Appollis bekubhekwe ukuthi asayine kuMakhosi ekuqaleni kwesizini. Nokho lize lavalwa iwindi lo mdlali weBafana Bafana engayijoyinanga iChiefs.

IChiefs izobuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana neRichards Bay FC, ePeter Mokaba Stadium, ngoNovemba 27.