Kugqame uChipezeze iMagesi iFak’ ugesi kwiBay koweCarling
SIHLE NGUBO
Unozinti weMagesi, u-Elvis Chipezeze, uphinde wakhala wemuka no-R100 000 ezakhe zishaya iRichards Bay FC ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.
UChipezeze uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo ngenxa yokuvimba kahle kwakhe. Bese kungokwesithathu ehamba no-R100 000 njengoba enze okufanayo bebhekene no-Orlando Pirates kwiLast 16, neTS Galaxy kowe-quarterfinal.
“Ngithanda ukubonga abalandeli ngokukholelwa kimina. Ngiyaziqhenya ngabalandeli bethu nokuthi basuka kude bezoseseka,” kusho uChipezeze kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Lena yinto enkulu kakhulu eqenjini lethu njengoba lisanda kufika kwiPremiership. Ukubona abalandeli bejabule kungenza ngiziqhenye.”
Kumangazile ukuthi kade kuhlasela iNatal Rich Boyz bese kube yiMagesi FC eshaya igoli. Lingene ngomzuzu ka-27 kanti lishaywe uTshepo Mashigo.
Ngemuva kwalokho iBay ikuthole kunzima ukushaya igoli njengoba ebengafuni lutho uChipezeze ezintini zeMagesi.
Kunalokho izinto zivele zabheda kakhulu ngesikhathi umdlali weBay, uTlakusani Mthethwa, ethola ikhadi eliphuzi lesibili waphuma ngelibomvu ngomzuzu ka-84.
Ukunqoba kweMagesi kuchaza ukuthi iqophe umlando ngokusuka kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule bese izibekisela indawo kowamanqamu weCarling Knockout ka-2024. Iyaqala ngqa ukudlala kwiPremiership.
Leli qembu selizakhele igama ngokuthi lidedela ugesi ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngo 3-2 kuwona lo mqhudelwano kwiLast 16.
IMagesi iphinde yabamba ezinye izinkunzi zaseSoweto idlala ngokulingana ngo 2-2 emdlalweni weBetway Premiership. Nokho leli qembu layidedela ekugcineni kulo mdlalo njengoba lalihamba phambili ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-17 kuphele umdlalo.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu weCarling Knockout, kuzotholana iMamelodi Sundowns neMarumo Gallants ngeSonto ngo-3 ntambama.