EzakamuvaIbhola

Iqembu lePSL likweleta u-R500 000 ngokukokotela ugesi

SIHLE NGUBO 

IMagesi FC ‘ecishe ugesi’ weRichards FC iyikhipha kwiCarling Knockout, kuvela ukuthi bese iwucisha okwesibili kuleli qembu laseMhlathuze.

INatal Rich Boyz iwashe ijezi kulo mqhudelwano ngemuva kokushaywa omakoti iMagesi ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.

Impempe ithole ukuthi leli qembu, likasihlalo, uJomo Biyela, sekuphele isikhathi eside lacishelwa ugesi ezindlini lapho kuhlala khona abadlali beqembu elikhulu nabeDStv Diski Challenge (DDC).

“I-club house ayinagesi, sekuphele amasonto amabili agcwele manje,” kusho obesebenza kuleli qembu kodwa oseshiyile.

“U-Eskom uwunqamulile ugesi ngoba bawubamba ukuthi ukokoteliwe bavele bawuvala. IPhakwe Gas (okungabaxhasi beqembu) ayiyifakile imali kodwa iyona eholela bonke abasebenzi…ukube bayifaka bekungabe ukhokhiwe u-R500 000 ofunwa yi-Eskom.”

Ukuhlala isikhathi eside kangaka abadlali bengenawo ugesi akungabazeki ukuthi kuyabathikameza kakhulu. Uma kubhekwa imali okuthiwa bayayikweleta abeBay, kuyacaca ukuthi bese siside isikhathi ugesi ungakhokhelwa, ukokoteliwe.

“Isonto lesithathu kusasa (ngoMsombuluko) ugesi ungekho. Laba badlali abaholayo sebecelwe ukuthi baye efulethini ekupheleni kwenyanga. Umbuzo uthi laba beDiski bazoya kuphi bona,” kuqhuba umthombo.

“IPhakwe Gas ayiyazi ne-club house ukuthi ikuphi. Usihlalo wePhakwe Gas akaze aye laphaya ngoba uzobona umonakalo omkhulu.”

IPhakwe Gas imenyezelwe njengabaxhasi beBay ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. Kuvele ukuthi izoxhasa iqembu ngo-R100 million.

Ngokwesivumelwano iPhakwe Gas izofaka u-R20 million ngonyaka (iminyaka emithathu) bese kuthi u-R40 million usize ukwakha izinto ezifana nesikhungo sokuziqeqesha.

Indawo okuhlala kuyona abadlali inalo ikheli layo Impempe, kanti ikweminye yemigwaqo khona eRichards Bay.

Impempe izame kaningi ukuthola uXolani Zungu, okhulumela iBay, kodwa ucingo ubengalubambi. Kwale noma esithunyelwa iVN ngo-whatsapp wangaphendula.