EzakamuvaiCarling Knockout Cup

Ukaputeni weChiefs uphawula ngokusala kwiBafana Bafana eyodlala kwi-AFCON

SIHLE NGUBO

Akakufihli ukuthi ubefisa ukuba seqenjini lesizwe, iBafana Bafana, unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen.

Lo nozinti ubekhona esikwatini sikaHugo Broos ngesikhathi kusabizwe abangu-55, kodwa uBroos wakhetha uRonwen Williams (ukaputeni), uSipho Chaine noRicardo Goss, ajwayele vele ukubabiza kwiBafana Bafana.

UPetersen uvimba kahle kakhulu selokhu kuqale isizini, futhi usedlale imidlalo ayisishiyagalolunye engangenelwa yigoli.

Lo nozinti uvumile ukuthi ubekubhekile ukuya kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eMorocco, kodwa ukusala akusho ukubhubha komhlaba.

“Ngabe kubuhlungu kuphinde kube mnandi ukusala kwiBafana Bafana, bese ukhonjiswe uthando abalandeli ngokuzihola phambili ngamavoti kwiCarling Cup? Cha,” kusho uPetersen.

Uyena ohambe phambili ngamavoti kwiCarling All Stars ezobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Yebo, ngiyafuna ukuba seqenjini lesizwe lakuleli, ngimele izwe lami,” kuqhuba uPetersen owake wayibamba kwiBidvest Wits.

“Kodwa ngokwami okokuqala nokusemqoka, umsebenzi wami kwiKaizer Chiefs, ngoba yibona abangiholelayo. Yilapho ngisebenza khona.

“Into engingakwazi ukuyilawula yindlela engidlala ngayo ezingeni leqembu.

“Ngeke ngikwazi ukulawula ukuthi umqeqeshi qembu lesizwe uyangikhetha noma cha, ngoba lowo akuwona umsebenzi wami.

“Nakanjani ufuna ukuba seqenjini lesizwe njengomdlali. Kodwa ngokwami ngibeke umqondo eqenjini, nokuthi ngizame ukuba sezingeni esiphezulu.”

Iqembu, iCarling All Stars, lishaya ngenqwaba yabadlali beChiefs, bese kube abambalwa beMamelodi Sundowns.

Uma sekushintshiwe ngesiwombe sesibili, kuzobukeka sengathi kudlala owomkhaya phakathi kweChiefs nePirates, ngoba ibhentshi lonke ligcwele abadlali baMakhosi.

ICarling All Stars, ekhethwe abalandeli, iqeqeshwa uManqoba Mngqithi weLamontville Golden Arrows, naye okhethwe abalandeli.