EzakamuvaIbhola

UKhoza usazoba usihlalo wePSL eminye iminyaka

SIHLE NGUBO 

Kwenzeke obekulindelekile ngesikhathi usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, ebuyiselwa ngo-elethu esikhundleni sakhe, ngoLwesithathu.

Lokhu kuqinisekiswe yiPSL ngemuva komhlangano omkhulu waminyaka yonke, lapho iveze khona ukuthi kuhambe kahle kakhulu.

Ukubuyela esikhundleni kukaKhoza kuchaza ukuthi uzophatha njengosihlalo wePSL eminye iminyaka emine. Akungabazeki ukuthi lokhu kuzobajabulisa kakhulu abaxhasi bale nhlangano.

Kuke kwaba nemibiko yokuthi uKhoza angase athi khumu ekuzimbandakanyeni nebhola ngenxa yengcindezi yezingane zakhe.

Kulo mbiko bekuthiwa izingane zikaKhoza zifuna akhohlwe yengcindezi eza nokuphatha ibhola, ayophumula ekhaya.

Konke lokhu bekuvela ukuthi akubaphathi kahle abaxhasi asebejwayele ukuxhumana noKhoza njengosihlalo wePSL. Muva nje uKhoza uthole iBetway njengabaxhasi bePremiership, sekusele kancane kuqale isizini entsha.

Nokho abaxhasi sebengabeka umoya phansi kule minyaka emine ezayo ngoba umuntu abamethembile, uKhoza, uzobe esekhona.

Kuhambe kanje okhethweni:

Usihlalo: Irvin Khoza (ngokungaphikiswa)

Ikomiti lesigungu esiphezulu:


1. Dr Kaizer Motaung
2. Ms Mato Madlala
3. Mr Tim Sukazi
4. Dr Rejoice Simelane
5. Mr Sifiso Biyela
6. Mr Stanley Matthews
7. Mr Jonny Mogaladi