EzakamuvaIbhola

U-Itu Khune useziphoqe yena ukuwajiba emgibeni amagilavi

SIHLE NGUBO 

U-Itumeleng Khune, obengunozinti weKaizer Chiefs, ubukeka eseziphoqe yena ukuthi awagaxe emgibeni amagilavi akhe, yize esagcizelela ukuthi usafuna ukudlala ibhola.

Lo nozinti usanda kumenyezelwa njengomunye onamashezi kwiTop Bet, eSandton, eGoli, emasontweni edlule. Ekhuluma nabezindaba lapha uveze ukuthi kwakungelula ukwemukela  izindaba zokuthi ngeke ayidlalele iChiefs kule sizini ngoba ayimnikanga inkontileka entsha.

“Kwakungelula kimina ukwetshisa lezi zindaba. Ngangisembhedeni amasonto amabili wonke, ngikhala zonke izinsuku ngingaqondi ukuthi kwenzekani.

“Ngisemncane kakhulu ukuthi ngingaba umqeqeshi wonozinti futhi bengingaboni lokho kwenzeka manje. Kodwa njengoba ngishilo ngidinga isikhathi ukuqhela nje ekucabangeni kakhulu, ngibeke umqondo kulokhu okuphambi kwami,” ucashunwe esho kanje uKhune.

Imithetho yeFifa neyePSL iyabavimbela abadlali bebhola ukuthi bazimbandakanye ngqo nezinkampani zokugembula. Ukuba namashezi kwiTop Bet kukaKhune kuyinto emvimbayo ukuthi aphinde abuyele enkundleni njengomdlali.

Kusuke kubhekwa isimo sokuthi umdlali oxhaswe noma onamashezi enkampanini yokugembula angaba nesandla ekutheni imiphumela yomdlalo igcina ihambe kanjani.

Njengamanje izinkampani zisebenzisa abadlali bakudala bebhola njengamanxusa azo. Isibonelo nje uDoctor Khumalo usebenzisana ne-10 Bet, kuthi uTeko Modise asebenzisane neHollywoodbets.

Abekho abadlali abasayibamba emaqenjini ePremier Soccer League ababonakala ezikhangisweni zezinkampani zokugembula ngoba lokho kuyashayisana nokungena enkundleni uyodlala ibhola.

Empeleni nje abadlali bebhola abavunyelwe ngisho ukugembula njengabanye abantu abangalidlali ibhola, ngoba bangakwazi ukushintsha imiphumela yemidlalo enkundleni.