EzakamuvaIbhola

UBarr uveza isifiso sokuyiphetha kuleli imbenge ngebhola lakhe

Zolani Msobo

Owayengunozinti weMaritzburg United, uJathren Barr uthi usafuna ukugxila phesheya kwezilwandle yize enesifiso sokudlalela elinye lamaqembu amakhulu kuleli ngelinye ilanga. 

Lo nozinti oneminyaka engu-28 wanikezwa ithuba lokudlala okokuqala ngu Clive “The Dog” Barker ongasekho emhlabeni. 

Ngaleso sikhathi wayedlala kwiBidvest Wits kanti yayibhekene ne-Orlando Pirates ngesizini ka2011/12. 

UBarr wangena emapalini ethatha indawo ka-Emile Baron owathola ukulimala okwenza akangakwazi ukuqhubeka nomdlalo. 

Ithuba lokuqala umdlalo walinikezwa nguGavin Hunt ngesizini ka2014/15 okuyilapho aqala khona ukuqapheleka nokubonakala ukuthi unekusasa eliqhakazile. 

Njengamanje lo nozinti uziqeqesha neDerry City egijima kwiRepublic of Ireland Premier League.

Okwamanje leli qembu alivumelekile ukuthi limsayinise njengoba iwindi lokuhwebelana ngabadlali khona liyoze livulwe ngoDisemba 1. 

Ngaphambi kokuthi aziqeqeshe neCity, uBarr ubedlalela iqembu laseNorthen Ireland, iPortadown FC. 

“Iqembu ebengidlala kulo lidliwe yizembe. Ngithathe isinqumo sokulishiya ngoba ngingafuni ukudlala esigabeni esingaphansi,” kuchaza uBarr. 

“Kwakuyiphupho lami kusukela ngisakhula ukudlala phesheya kwezilwandle. Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuthi iphupho lami selize lafezeka.

“Ukudlala e-Ireland kungisize kakhulu ukukhuphula izinga lami lokudlala futhi ngibe nomthelela omkhulu khona,” kuqhuba yena. 

“Sengikulungele ukubhekana nezinye izinselelo nokuthatha igxathu elikhulu ebholeni. Yingakho sengiziqeqesha neCity. Nginethemba elikhulu lokuthi konke kuzohamba kahle.”

Yize esaphesheya okwamanje, uthi uma kungavela ithuba elihle kwiPSL engabuya azokhombisa asekufundile kulesi sikhathi ephesheya.

“Uma kungavela isicelo esigculisayo kwiPSL ngingabuya kodwa okwamanje ngisafuna ukuzinza la engikhona. 

“Kuyisifiso sami ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu eMzansi. Kodwa lokho yinto yangelinye ilanga.”

Lo nozinti owake wavimba kwiTeam of Choice uphethe ngelokuzwakalisa injabulo abe nayo ngokumela izwe lakhe kwiCosafa Cup yanonyaka. 

“Kungijabulise kakhulu ukudlala kwiBafana Bafana ngoba lokho kunginikeze ithuba lokuthi abalandeli nabathandi bebhola babone ikhono lami. 

FUNDA NALA: UDove uthi iChiefs ilwa nokugwema amaphutha abucayi manje

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngendlela engadlala ngayo. Futhi ngisanethemba lokuthi lisazophinde livele elinye ithuba lokuthi ngimele izwe lami.”