IBafana iyivale ingayazi induku eyokuhlungela i-Afcon
SIHLE NGUBO
IBafana Bafana iyivale ngegiya eliphezulu imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) kulandela ukubhaxabula iSouth Sudan ngo 3-0 emdlalweni obuseCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesibili.
INingizimu Afrika iye kulo mdlalo ivele isizibekisele indawo kwi-Afcon eseMorocco ngonyaka ozayo. Nokho umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ubekubeke kwacaca ukuthi ufuna bawunqobe nakanjani lo mdlalo, ukuze baqede eqhulwini.
Kuke kwavela ukuthi kukhona abebecabanga ukuthi lo mqeqeshi waseBelgium uzobadedela abadlali beMamelodi Sundowns, bangabi khona kulo mdlalo ngoba vele iBafana bese izibekisele indawo.
Nokho uBroos ushaye phansi ngonyawo wathi bonke abadlali ababizile kwiBafana bazobuyela emaqenjini abo uma sekudlule iwindi leFifa.
ISundowns ilungiselela ukubhekana neMagesi FC emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Nokho kuzomele abone ukuthi umisa kanjani ngalokho umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi, njengoba abadlali bakhe bezobuyela eqenjini ngoLwesithathu.
Igoli lokuvula inkundla leBafana liqhamuke ngomzuzu wesikhombisa, kanti lize no-Iqraam Rayners. Ibuyile futhi iBafana yashaya elinye igoli ngomzuzu ka-23 kanti liqatshuliswe inethi uPatrick Maswanganyi.
Ngesiwombe sesibili uwuvalile umcimbi uTeboho Mokoena eshaya igoli lesithathu, nokube yiphenathi ngomzuzu ka-51.
IBafana iqede esicongweni eqoqweni layo kanti endaweni yesibili kuhleli i-Uganda. Womabili la maqembu azoyibamba kwi-Afcon ngonyaka ozayo. IBafana ayiyazi induku kule midlalo yokuhlungela i-Afcon.
Amanye amazwe avela kwiCosafa azoyibamba kwi-Afcon, yiZimbabwe, iZambia, iMozambique neBotswana.