UHugo Broos akayingeni eyokudedela abadlali beDowns kwiBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, akayingeni nhlobo eyokudedela abadlali beMamelodi Sundowns ekhempini yeqembu lisizwe.
IBafana izobhekana neSouth Sudan emdlalweni wokugcina wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eseMorocco ngonyaka ozayo. Umdlalo useCape Town Stadium, ngoLwesibili, ngo-6 ntambama.
Iqembu lakuleli livele selizibekisele indawo kwi-Afcon nokwenza abanye bacabange ukuthi lo mdlalo oseKapa awusabalulekile kangakho.
ISundowns izobhekana neMagesi FC emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Nokho lo mqeqeshi waseBelgium useveze ukuthi akekho umdlali ozoshiya ikhempu yeBafana ngaphambi komdlalo wangoLwesibili eKapa.
“Akuwona umdlalo wobungani lona kithina. Umdlalo obalulekile ngoba sifuna ukuba seqhulwini eqoqweni lethu,” kusho uBroos.
“Sifuna ukukhombisa okuthile futhi uma ngikhumbula kahle kunezinkumbi zabalandeli abazobe besenkundleni kusasa.
“Abadlali beSundowns bazohlala kuze kube kusasa (ngoLwesibili) ngemuva komdlalo weBafana Bafana futhi bazoqhubela babe abadlali beBafana.”
Ngokwemithetho ethinta ikhalenda leFifa abadlali bamaqembu esizwe kumele bahlale kuwona kuze kudlule lezi zinsuku. Akulona iphutha likaBroos ukuthi iSundowns izodlala owamanqamu weCarling Knockout ngempelasonto.
Imidlalo yokuhlungela i-Afcon kade kwaziwa ukuthi izodlalwa ngaziphi izinsuku. Lokhu kuchaza ukuthi iPSL ibingalushintsha usuku (uma ifisa kanjalo) ukuze ibhekelele isimo sokuthi uma kufika iSundowns kowamanqamu ingampintsheki.
Leli qembu laseChloorkop yilona elinabadlali abaningi eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.