Akukuncane okwenziwa uNcane Mkhalele kwiBafana Bafana
SIHLE NGUBO
Ngaphandle kokuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usebavale imilomo labo abebemthandabuza, kumele kunconywe namagalelo kaHelman “Ncane” Mkhalele oyiphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe.
IBafana iphinde yakhombisa ukuthi iyinqola ebheke phambili kuphela, kulandela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseMorocco ngonyaka ozayo.
Ikwenze lokhu ingashaywanga nowodwa umdlalo kweyisithupha yokuhlunga. Ivale le midlalo ngokubhaxabula iSouth Sudan ngo 3-0 eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesibili.
Iqembu lesizwe lakuleli belikhona kwi-Afcon ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka. Yize iBafana yayinganikwe lutho abanye abalandeli kulo mqhudelwano kodwa iqede endaweni yesithathu, yabuya nendondo yethusi.
Njengamanje akekho ongaboni ukuthi uBroos ngokubambisana noMkhalele, owayegijima kwi-Orlando Pirates neBafana, sebelibumbile iqembu lesizwe.
Akungabazeki ukuthi iBafana izoya emidlalweni ye-Afcon eMorocco ngonyaka ozayo, ingelinye lamazwe okubhekwe ukuthi liwunqobe lo mqhudelwano.
Ezinyangeni ezedlule uBroos uveze ukuthi kube umbono kaMkhalele ukuthi babize uThalente Mbatha wePirates eqenjini lesizwe.
“Ukukhuluma iqiniso nje besilokhu simbheka umdlali ofana naye kule minyaka edlule” ucashunwe esho kanje uBroos.
“Ngajabula kakhulu ngesikhathi uHelman ethi ‘uyamazi uMbatha, mhlawumbe kumele simbheke, mhlawumbe kuyoba yinto enhle kithina.’
“Ngase ngihamba ngiyobhekisisa kahle, ngabeka umqondo emidlalweni yePirates, ngase ngiheheka ngokushesha.”
UMbatha ube nesandla esikhulu ekutheni iBafana izibekisele indawo kwi-Afcon kusasele imidlalo emibili ukuthi kusongwe eyokuhlunga.
Ushaye igoli ekugcineni ngesikhathi iBafana ibambana ne-Uganda ngo 2-2 e-Orlando Stadium. Kulowo mdlalo kwase kucaca ukuthi iBafana izoshayelwa ekhaya.
Uphinde washaya igoli elibalulekile lokuwina uMbatha, ngesikhathi iBafana ishaya iSouth Sudan ngo 3-2 ekuhambeni. Nalapho kwase kucaca ukuthi iBafana ngeke iwunqobe umdlalo kodwa wayilamula ekugcineni uMbatha.
Konke lokhu kukhombisa ukuthi makhulu amagalelo kaMkhalele kwiBafana. Akungabazeki futhi ukuthi ufunda lukhulu kuBroos ngakho uma lo mqeqeshi waseBelgium esethi khumu ebholeni (ngoba usekhulile) uyoshiya uNcane esevuthiwe, aqhubeke nokuyibamba eqenjini lesizwe.