EzakamuvaIBafana Bafana

Abadlali beBafana Bafana besabisa ‘ngokutelekela’ amabhonasi eNdebe yoMhlaba

INTATHELI YEMPEMPE

Kubukeka sengathi umqeqeshi omusha weBafana Bafana Bafana, uPitso Mosimane, ufike ngesikhathi esingesihle kuleli qembu lesizwe, njengoba izinto zimapeketwane.

Ngokubika kweSunday World abadlali beBafana Bafana bahlongoza ukushaya ‘isiteleka’ ngenxa yokuthi abakawanikwa amabhonasi abo, ngokudlala kwiNdebe yoMhlaba ebiseCanada, eMexico nase-USA.

Iqembu lesizwe lakuleli liphume kwiLast 32 kulo mqhudelwano, lapho lishaywe khona osokhaya iCanada ngo 1-0.

Abadlali beBafana Bafana kuvela ukuthi bahlela ukuhudula izinyawo ngaphambi kokuya ekhempini ezayo yemidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations (AFCON) ka-2027.

Iqembu lakuleli lizotholana phezulu neGuinea yi-Eritrea, bese kowobungani lidlale nezinkunzi zase-Afrika i-Egypt.

“Asikakhokhelwa imali yethu yeNdebe yoMhlaba. ISAFA ithole imali ivela kwiFIFA kusaphele isonto elilodwa kuphele iNdebe yoMhlaba, okungamasonto ayisithupha edlule,” kusho umthombo weSunday Times ongathandanga ukuvezwa.

“ISAFA yasithembisa ukuthi imali izothunyelwa kithina ngesonto eledlule kodwa kuze kube yimanje asikakhokhelwa, kumbandakanya nomqeqeshi uHugo Broos nethimba lakhe.”

Ngaphambi kweNdebe yoMhlaba kubikwe ukuthi abadlali abangu-26 abebehambe neqembu lesizwe, bebethenjiswe u-R2 million ngemidlalo emithathu yamaqoqo abebezoyidlala.

Ngemuva kokudlulela kwiLast 32 imali inyukile yaya ku-R2.5 million emunye ku-R65 million abebezowuhlukaniselana.

ISAFA ithole u-R218 million ngokuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba kweBafana Bafana, nokudlulela kwiLast 32.

Iphinde yathola u-R41 million obekuyimali yokulungisela lo mqhudelwano. Isiyonke imali etholwe yiSAFA u-R259 million ivela kwiFIFA.

UBroos, obecija iBafana Bafana, kumele athole u-10% wale mali (u-R21.8 million), kanti obeyiphini lakhe uHelman Mkhalele uzothola u-5%, (u-R8m).

Akukona okukuqala ukuthi abadlali beqembu lesizwe bakhale ngokungakhokhelwa yiSAFA amabhonasi abo. Yinto nje ehlale yenziwa yile nhlangano ephethe ibhola eNingizimu Afrika.

Ngaphambi kokuqala kwemidlalo ye-Women’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ebiseMorocco, abadlali beBanyana Banyana basabise ngokushaya ngonyawo lonwabu ngoba befuna imali yabo ebingakakhokhwa yiSAFA.

Kudingeke kulungiswe ngokushesha lokho ukuze iqembu lakuleli lidlale ngokuzinikela kwiWAFCON.

Ngeledlule ungqongqoshe weZemidlalo uBuciko namaGugu kuzwelonke, uGayton McKenzie, uveze ukuthi ufuna iSAFA ibuyise imali yeVAR ayinika yona, elinganiselwa ku-R13 million.

UMcKenzie ukhala ngokuthi wayikhipha imali yeVAR kodwa iSAFA ayikaluqalisi lolu hlelo, oselusetshenziswa umhlaba wonke ukusiza onompempe ukuthatha izinqumo ezifanele emidlalweni.

UMosimane umemezele iqembu elizodlala imidlalo yokuhlunga ye-AFCON ngeledlule. Kulindeleke ukuthi alinciphise leli qembu ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

IBafana Bafana izobhekana neGuinea emdlalweni wokuhlunga we-AFCON ngoSepthemba 26.