UMngqithi akeneme ngePSL, uncoma amagalelo kaBroos
SIHLE NGUBO
Uwukhomba kwiPremier Soccer League (PSL) umunwe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ngokuhluleka ukuhlela uhlu lwemidlalo edlalwa ngemuva kwekhefu leFifa.
Okukhalisa uMngqithi ukuthi abadlali bakhe babuyele eqenjini ngoLwesithathu njengoba kade bekwiBafana Bafana ebidlala imidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa kumele badlale owamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo.
Ompetha beligi bazotholana phezulu neMagesi FC, engomakoti kwiPremiership, emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Abafana Ba’Style bebenabadlali abayisishiyagalombili eqenjini lesizwe elishaye i-Uganda ngo 2-0 ekuhambeni, eNelson Mandela Stadium, eKampala, lase livala ngokubhaxabula iSouth Sudan ngo 3-0 eDHL Cape Town Stadium, eKapa, ngoLwesibili.
Ngaphezu kwalokho uDivine Lungu ubeyodlalela iZimbabwe kanti uPeter Shalulile naye ubeyibambe eqenjini lakhe lesizwe laseNamibia.
Abadlali beSundowns abayisithupha abebebizwe kwiBafana abaziqeqeshanga neqembu ngoLwesithathu ngoba bephunyuzwa. Abafana Ba’Style bazolibhekisa eBloemfontein ngoLwesine ukuyoqedela amalungiselelo omdlalo wamanqamu weCarling Knockout.
“Esikhathini esizayo kuzobaluleka ukuthi ukugwema umdlalo wamanqamu noma imidlalo yomkhumulajezi kusanda kubuywa ekhefini leFifa. Lokhu kubanga isiphithiphithi esingenasidingo,” kusho uMngqithi.
“Kodwa kulokhu iPSL ibingazi ukuthi iSundowns izokuba kowamanqamu. Ngeke sibagxeke kodwa ngithi esikhathini esizayo…noma ubani uzokuba kowamanqamu enabadlali abaningi eqenjini lesizwe.”
UMngqithi akazange amgxeke uBroos ngokufaka abadlali beSundowns ngesikhathi iBafana ibhekene neSouth Sudan ngoLwesibili.
Kunalokho uthe naye ubezofaka abadlali bakhe abayizethenjwa kulo mdlalo, wase encoma amagalelo alo mqeqeshi waseBelgium ambona eseyishintshe kakhulu iBafana.
“Sesifike esikhathini lapho sinokuzethemba nokuziqhenya ngeqembu lethu lesizwe ngoba linika isizwe lokhu esikudingayo,” kusho uMngqithi.
“Bayawashaya amagoli, banqoba imidlalo ngendlela encomekayo. Ngokwami ngeneme kakhulu ngalokhu okwenziwa umqeqeshi uBroos. Usevale imilomo yabantu abaningi.”