IBanyana Banyana

IBanyana izobhekana neZambia kowamanqamu weCosafa Championship

SIHLE NGUBO 

IBanyana Banyana izibekisele indawo kowamanqamu weCosafa Women’s Championship ka-2024 ngemuva kokushaya iMozambique ngo 4-1 kumaphenathi, eWolfson Stadium, eGqeberha, ngoLwesine ntambama.

Lo mdlalo owandulela owamanqamu uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-90, lingekho ebelifuna ukugoba uphondo. Ngemuva kwalokho kuqondwe kumaphenathi kwangayiwa esikhathini esengeziwe.

INingizimu Afrika yenze iphutha emuva unozinti uJessica Williams ehluleka ukuxhumana nabadlali bakhe basemuva. UCelia Miguel ushaye phakathi elilula igoli ngomzuzu ka-34.

Ivukile emaqandeni ngemuva kokudedela igoli iBanyana. Ngomzuzu ka-45+4 iBanyana ithole iphenathi ebekwe phakathi uTshegofatso Motlogelwa.

Isiwombe sesibili asizanga nokutheni ngoba womabili amaqembu abengasafuni ukwenza amaphutha. INingizimu Afrika ike yalishaya igoli kodwa abadlali bayo abane bebesandaweni engafanele.

IBanyana izobhekana neZambia kowamanqamu weCosafa Championship ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

IZambia ifinyelele kowamanqamu ngokushaya iMalawi ngo 2-0 kowandulela owamanqamu wokuqala ngoLwesine emini.