EzakamuvaIBanyana Banyana

IBanyana Banyana inomqansa wokuhlula iNigeria kwiWAFCON esishubile

SIHLE NGUBO

IBanyana Banyana kuzomele ishintshe amagiya uma isitholana phezulu neNigeria kowandulela owamanqamu weCAF Women’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ngoLwesibili ngo-6 ntambama.

Ompetha beWAFCON bazabalaze kanzima beshaya iSenegal ngo 4-1 kumaphenathi, ngemuva kokuthi umdlalo we-quarterfinal uphele ngo 0-0 emizuzwini engu-120.

Kugqame unozinti u-Andile Dlamini ovimbe amaphenathi amabili, yadlulela phambili iBanyana.

Okuhlalukile kulo mdlalo ukuthi iBanyana ibidlala kahle ukusuka emuva kuya esiswini kodwa kungahlangani phambili.

Abadlali bebethatha izinqumo ezingajabulisi uma sekumele bakhahlelele ipali, nokuyinto okumele imkhathaze umqeqeshi uDesree Ellis.

INigeria ibukeka iyingozi kakhulu njengoba umqhudelwano uqhubeka futhi akungabazeki ukuthi izofika ivutha kwiBanyana ngoLwesibili.

Leli qembu lifinyelele kowandulela owamanqamu ngobhaxabula kabuhlungu iZambia ngo 5-0 kwi-quarterfinal yeWAFCON.

Kuyaziwa ukuthi iBanyana neSuper Falcons bayizimbangi ezinkulu ebholeni lase-Afrika.

IBanyana izoya kulo mdlalo ingabhekile kuphela ukuthi ifuna ukuya kowamanqamu ukuze ivikele isicoco seWAFCON.

Kuzokhumbuleka ukuthi iNigeria iyona eshaye iNingizimu Afrika emidlalweni yokuhlungela ama-Olympic ngo-Ephreli nyakenye.

ISuper Falcons inqobe ngo 1-0 ekhaya yase ibambana ngo 0-0 neBanyana ePitoli, yazibekisela indawo kuma-Olympic eFrance.

Njengamanje akungabazeki ukuthi sikhona isikhala sikaThembi Kgatlane, ongumgadli weBanyana, onqume ukungabi yingxenye yeqembu lesizwe ngezizathu ezithinta yena.

Abadlali beBanyana bake bashaya isiteleka, bangaya ejimini, ngaphambi kokuthi kuqale iWAFCON eqhubekayo eMorocco.

Bebekhala ngokungakhokhelwa amaholo abo aphambilini nokuyinto egcine ixazululiwe.

Akwaziwa noma lesi esinye sezizathu yini esenze uKgatlane, ongumdlali ophambili kwiBanyana, angilubhadi eqenjini lesizwe.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzotholana phezulu osokhaya iMorocco neGhana ngoLwesibili ngo-9 ebusuku.

IMorocco ifinyelele kowandulela owamanqamu ngokushaya iMali ngo 3-1, kanti iGhana ishaye i-Algeria ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi.

Umdlalo ozokhipha iqembu elizolala isithathu uzokuba ngoLwesihlanu kanti owamanqamu ungoMgqibelo.