IMarumo Gallants iqashe oke wacija iChiefs
SIHLE NGUBO
IMarumo Gallants seyiqashe uMolefi Ntseki, owake wacija iKaizer Chiefs, njengeTechnical Director yayo entsha.
Lo mqeqeshi ubenganalo iqembu selokhu axoshwa yiChiefs ngasekuqaleni kwesizini edlule kulandela ukugqoza kwemiphumela.
Endaweni yakhe kwangena uCavin Johnson naye iqembu elimhlulile njengoba liqede ngaphandle kweTop 8 ngesizini edlule.
Naye uJohnson ukhonjwe eza ngayo ekupheleni kwesizini edlule, kwaqashwa uNasreddine Nabi osazama ukuhlanganisa iqembu.
UNtseki useke wasebenza emaqenjini esizwe kumbandakanya neBafana Bafana. Ungumqeqeshi owaziwa kakhulu ngokusebenzisana nabadlali abasebancane.
Mayelana nokuqashwa kwakhe yiGallants uNtseki uthe: “Ngikubheke ngabomvu ukusebenza kanzima njengeTechnical Director.
“Ngifisa ukubonga iqembu lonke, abalandeli, abaqeqeshi nabaphathi beqembu. Ngilapha ukuzosebenza nawo wonke umuntu ukuze leli qembu liphumelele.”