Eminye imidlalo

UMntambo waseMajuba ubuye esese kwiHarry Gwala Summer Cup

SIHLE NGUBO 

Ufisa ukuqhubeka nokwenza kahle emijahweni yamahhashi, uZakhele Bongani Mntambo, waseMvundleni, eMajuba.

Ihhashi likaMntambo, uTroublemaker, lidle umhlanganiso kwiHarry Gwala Summer Cup ka-2024, ebiseDazini, eMakhuzeni, ngempelasonto.

Ukudla ubhedu kulo mjaho omkhulu kumthokozise kakhulu uMntambo. Uthe abanayo imfihlo etheni ngokuphumelela kwamahhashi akhe ukuthi bayafida nje kuphela.

“Umdlalo wamahhashi ngiyawuthanda kakhulu, sengathi ungathuthuka uye phambili,” kusho uMntambo.

“Lokhu kumele kwenzeke ukuvikela izingane zethu. Izingane sezidlala iwunga, izingane sezingamaphara.

“Kodwa lezi zethu ziyazama ukuthi zibe matasa kulo mdlalo. Yinto esiyithandayo leyo.”

Ukutelebhela kwamahhashi obekwenzeka eMakhuzeni kuhluke kakhulu kunemijaho yamahhashi egijinywa ezindaweni ezifana naseDundee (kwiDundee July).

Lapha kunemithetho eqinile okuthi uma ihhashi liyephulile lingabe lisaqhubeka nomjaho. Ihhashi kumele libhekise ikhanda phansi unomphelo futhi ligijime sakuphakamisa izinyawo, lingazeluli.

Akhona amahhashi ayephulile imithetho azithola ekhishwa emijahweni. Nokho umcimbi uwonke uhambe kahle kakhulu, nezulu langaphoxa.