‘Sizobhekana neChiefs sixhugela,’ kusho uMaduka
SIHLE NGUBO
UJohn Maduka, oqeqesha iRoyal AM, akaphiki ukuthi bazofika kwiKaizer Chiefs bethanda ukuxega emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
IThwihli Thwahla izoya kulo mdlalo ngaphandle komgadli wayo ohamba phambili, uMotabeng Sera, odabuka eLosotho.
Lo mgadli uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokuvimba ibhola ngesandla bebhekene neLamontville Golden Arrows kowePremiership ngoLwesibili.
Abafana Bes’thende bagcine benqobe lo mdlalo ngo 3-2 eHarry Gwala Stadium, yize iRoyal AM ike yahamba phambili ngo 1-0. Umdlalo ugcine uqale ngo-9 ebusuku ngenxa yokubambezeleka kwe-Arrows nonompempe ku-N3 lapho bekunezingozi zomgwaqo ezimbili.
IChiefs azobhekana nayo uMadukaishayela phezulu kulandela ukunqoba ngo 2-1 kwiRichards Bay FC ngoLwesithathu. EzikaMaduka ziya enkundleni efanayo lapho Amakhosi eshaye khona iNatal Rich Boyz.
“Umdlali obalulekile (uSera), umdlali wezinga lomhlaba, umgadli wethu esinaye. Nakanjani lokhu kuzosikhinyabeza kakhulu,” kusho uMaduka.
“Nokho yithuba labanye abadlali ukuthi baphakamise izandla baziveze. Kodwa silimele kakhulu.”
Mayelana nokuvimba ibhola ngesandla komdlali wakhe, uMaduka uthe: “Ngesinye isikhathi kusuke kunabadlali abaningi ebhokisikini ngakho kungenzeka noma yini.”
Ngaphandle kwezinkinga zasenkundleni abaphathi beRoyal AM banezinkinga ezinkulu zemali. Leli qembu kusamele likhokhele umgadli weSuperSport United, uSamir Nurkovic, u-R12 million elimkweleta wona.
Ngaphezu kwalokho kuleli sonto kuvele ukuthi uShauwn “MaMkhize” Mkhize ukweleta iSARS izizumbulu zezigidi ezilinganiselwa ku-R37 million.