Kungase kugagazisane ezaKwaMashu kanzima koweBucs neChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlalo womkhaya phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, ubhekwe ngabomvu ngezindlela eziningi abalandeli bebhola eNingizimu Afrika namazwe angomakhelwane ayilandelayo iBetway Premiership.
AmaBhakaniya azotholana phezulu naMakhosi eFNB Stadium, ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama. Lo mdlalo kade aphela amathikithi awo nokukhombisa kona ukuthi uyohlale ubalwa nemidlalo yabakhaya ehamba phambili emhlabeni.
IChiefs isanda kusayinisa uTashreeq Morris, obedlalela iSuperSport United, uMakabi Lilepo waseDemocratic Republic of Congo, obedlala eFrance, noThabo Cele obedlala kwiFC Favel Voronezh yaseRussia.
UMorris, ophambane noChristian Saile obekwiChiefs, ngeke adlale ngoMgqibelo ngoba unesigwebo sekhadi elibomvu asasiqedela.
ULilepo akwaziwa noma aselungile yini amaphepha amvumela ukuthi adlale kuleli, ukuze athole imizuzwana emdlalweni okungangabazeki ukuthi uyawazi mkhulu kanjani ebholeni laseNingizimu Afrika.
Likhona nokho ithuba lokuthi abalandeli beChiefs babone uCele okokuqala egqoke imibala yeqembu labo ngoMgqibelo.
Uma kwenzeka lokho lo mdlali angase azithole ebhekene ngqo noThalente Mbatha wePirates. Bobabili laba badabuka KwaMashu, eThekwini, nokuchaza ukuthi leli lokishi lizobe lihlukene phakathi ngoMgqibelo.
Kusabhekiwe ukuthi uMbatha uzodlala yini kulo mdlalo kulandela isigameko lapho ehilizisane nomqeqeshi uJose Riveira emdlalweni weNedbank Cup Last 32, bebhekene neRichards Bay, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
IPirates isele ngamaphuzu ayisithupha kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili kwilogi yePremieship. Nakanjani izofuna ukulivala lelo gebe ngokuthola amaphuzu aphelele uma isibhekene neChiefs.
Ngakolunye uhlangothi iChiefs sekunesikhathi yagcina ukunqoba uma ibhekene neBucs, ngakho izofuna ukukushintsha lokho ngoMgqibelo.